OMasipala baxwayisa abantu ngamathenda omgunyathi

OWAMI THABETHE

 UMasipala weTheku kanye noMasipala uMsunduzi bangene emakhasini abo kuFacebook bexwayisa umphakathi ngamaqola azenza abasebenzi bakaMasipala.

UMasipala weTheku uxwayise umphakathi ngomkhonyovu lapho abantu bezenza izikhulu zikaMasipala weTheku bathintana namalungu omphakathi becela umhlangano wokudingida amathenda akhangisiwe.

“Amalungu omphakathi abuye athintwe ngama-email akhohlisayo abhalwe ukuthi athunyelwe nguMasipala weTheku kodwa angama-email anomgunyathi okuhloswe ngawo ukukhohlisa abantu abangazi lutho”, kuchaza uMasipala weTheku

UMasipala uthanda ukugcizelela ukuthi akekho ofaka amathenda okufanele athintwe noma ahlangane nesikhulu ukuze kuxoxwe ngamathenda akhangisiwe futhi unxusa bonke abafaka amathenda ukuthi balandele imigudu efanele yokubhida. ITheku leluleke abahlali abathola izingcingo noma ama-email asolisayo ukuthi babike lezi zigameko ngokushesha ophikweni lweCity Integrity and Investigations Unit kule nombolo yamahhala ethi: 0800 20 20 20

Kanti eMgungundlovu uMasipala uMsunduzi uxwayise umphakathi ngomkhonyovu ozenza umsebenzi kaMasipala.Lesi sigila mkhuba sizenza imenenja kaMasipala emukela imali elingana no R2 000 ukuze uzoqashwa ngaphakathi kaMasipala.

 Kunxuswa abahlali ukuthi bakuxwaye ukuthola izingcingo kule nombolo: 083 728 8808

Baphinde bakhuthaza izakhamuzi ukuthi zihlale ziqaphile imikhonyovu engase ibe khona futhi zibike ngokushesha noma yiziphi izenzo ezisolisayo emaphoyiseni ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *