SHEILA MHLONGO
- Eskom usememezele ukuthi usemkhankasweni wokufaka kabusha iCode kumamitha kagesi angama Pre-paid lokhu okungenye yezindlela zokuxwayisa labo abathenga ugesi ngendlela yomgunyathi.
Lomkhankaso ka-Eskom kanye noMasipala baseNingizimu Afrika ubonakala uncishelwa isikhathi njengoba kumele kuthi kufika umhlaka 24 Novemba 2024, kube sekufakwe kabusha iCode kumamitha abalelwa ku 11,53 million. Kanti wonke amamitha ayobe engafakiwe le code ena (KRNs) angeke esakwazi ukwamukela amatoken.
Ukungamukeleki kweToken kobe kudalwa iTimer ehambelana ne security mechanism enezinombolo ezingu-20 ezikuma token avimba ukusentshenziswa kwawo. Wonke ama metre angenayo le code yeRKN’s, ayophelelwa isikhathi uma kufika umhlaka 24 Novemba.
Ukusabalaliswa kwale RKNs project kaEskom kanye nomasipala idinga ukuthi amakhasimende afake ama token amabili kumamitha awo uma kufika isikhathi sokufakwa kabusha ama khodi amasha, okuyinto etholakala kuphela kubadayisi bakagesi abasemthethweni.
Ngesikhathi uMybroadband esabalalisa uhlelo lwe-Eskom KRN ngomhlaka 7 Julayi 2024 abalelwa ku 3,86 million kuma pre-paid mitha angu 6,9million ayekade esefakiwe icode entsha kusetshenziswa indlela yokuzenzela (DIY).
Lolushintsho lokufakwa kabusha kweCode kumamitha lizokwenza kube nzima ukuthi abantu abathenga ugesi ezindaweni ezingekho emthethweni bakwazi ukusebenzisa lawo matokens kumamitha abo.
Lezaphulamthetho zithengisa ama token kagesi eziwathola emshinini yokwebiwa. Kanti oyisikhulu sakwaEskom uMondle Bala uthe amakhasimende asefakelwe iCode entsha wona engeke esakwazi ukufaka amatokens athengwe kubadayisi abangekho emthethweni.