OWAMI THABETHE
IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba usedlulise ukubonga kuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngokunikeza umsakazi ohlonishwayo, omsunguli wamaCrown Gospel Music Awards uZanele Mbokazi-Nkambule,umgcwabo okhethekile osezingeni likahulumeni obubanjelwe eThekwini ICC mhla zingu 17 ku Agasti.
Lomngcwabo Okhethekile WesiFundazwe Esisemthethweni Umkhakha 2(Special Provincial Official Funeral Category 2), uhlanganisa izingxenye zamaphoyisa emikhosi efana nemingcwabo futhi ubekelwe abantu abahloniphekile abaqokwe ngokukhethekile nguMengameli waseNingizimu Afrika ngokwesicelo sikaNdunankulu wesifundazwe.
“Ngithanda ukudlulisa ukubonga kwethu okuqotho kuMengameli, Umhlonishwa, uCyril Ramaphosa ngokwamukela isicelo sethu sikaNdunankulu sokunikeza lo mfanekiso embonini yezobuciko umngcwabo okhethekile osezingeni likahulumeni”,kubonga uXaba.
Lomngcwabo uhlonishwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnumzane Thami Ntuli, Ungqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uMnumzane Velenkosini Hlabisa, OwayenguNdunankulu wesifundazwe u Nomusa Dube-Ncube kanye noSiboniso Duma
Enkulumeni yakhe uMeya uphinde wabonga igalelo lika Zanele Mbokazi-Nkambule kuleli dolobha, wengeza ngokuthi uzosebenzela ukuqinisekisa ukuthi umlando wakhe uyalondolozwa.
”Njengedolobha, siyaziqhenya ngakho konke asishiyele kona. Njengomholi oqotho kanye nosomabhizinisi ophumelelayo, ufake isandla esikhulu ekwenzeni idolobha laseThekwini liphile ngokuvumelana nethegi yalo yokuba inkundla yokudlala yase-Afrika. Esebenzisa amaCrown Gospel Music Awards awasungula, ubeke iTheku njengendawo ekhethwayo uma kunemicimbi emikhulu. Le miklomelo iphinde yaba nomthelela ekukhuleni komkhakha wezobuciko futhi okubaluleke kakhulu, iphinde yaphakamisa izinga lomculo wevangeli kuleli”.