SHEILA MHONGO
UMnyango wezaseKhaya usuthathe isinqumo sokulwa nenkohlakalo ephathelene nomazisi kanye nama ID cards. UMnyango ushicilele isimemezelo kwiBhuku likahulumeni (Government Gazette) lapho uyalele labo abanomazisi abavinjiwe (blocked ID’s) ukuba bathumele incazelo yabo echaza ukuthi kungani kufanele bangakhanselwa ukuthi basebenze omazisi babo ezinsukwini ezingamashumi amathathu (30)
Incazelo kuzomele ithunyelwe ku: Sylvia.Phasha@dha.gov.za. Umnyango uzophinde ukhiphe izimemezelo ngezikhangiso ngisho nasezinkundleni zokuxhumana ukuze unikeze ithuba elanele emphakathini othintekayo,ukuze ukwazi ukuthumela izincazelo zawo kusenesikhathi.
Ngalesinqumo uMnyango uqonde ukusombulula lenkinga esidonse iminyaka, yokuvinjwa komazisi (blocked ID’s) ngendlela engafanele, uphinde unciphise isibalo somazisi abatholakale ngendlela engekho emthethweni .
Abanye omazisi bavinjwa kusukela ngonyaka ka 2005 ngenxa yezizathu ezahlukene. Ezinye zezizathu zihlanganisa uhlelo lwe Biometric, ukuphindeka kukamazisi,onikezwe abokufika kungafanele kuleli noma ngenxa yokuthi umnikazi wawo esedlulile emhlabeni.
Ngokunikeza umphakathi ithuba, uMyango uqonde ukuqeda inkinga ehlupha abanikazi bomazisi abavinjiiwe uphinde ukhansele omazisi abasetshenziswa abantu abangafanele.
Ukushicilelwa kwalesimemezelo kuza emuva kokuthi inkantolo iyalele uMnyango uthathe izinyathelo zokulungisa uhlelo lwawo uhlukanise phakathi komazisi abatholakale ngomgunyathi kanye nalabo abanikazi ababathole ngendlela esemthethweni.
“Nginxusa wonke amalunga omphakathi athintekayo ukuthi asebenzise lelithuba ukuqinisekisa ukuthi asisize ukuthi sivule labomazisi abavinjiwe ngokungafanele.” Kusho uNgqongqoshe uLeon Screiber.SANews.gov.za