SBU MAMBA
Igange ngenqwaba yamathuba i-Orlando Pirates emdlalweni wabo neDisciples FC yase Madagascar obubanjwele e-COTE D’OR NATIONAL SPORT COMPLEX , umdlalo uphele ngeqanda ngapha neqanga ngale kodwa umqeqeshi wezaka Magebhula uJose Riviero uthi phansi amaphaphu basanethuba lokunqoba umlenze wesibili ozodlalelwa lapha e-Ningizimu Africa.
URiveiro uzakhele ugazi kubalandeli baMabhakabhaka ngokudlala ibhola elisezingeni eliphezulu nokuwina izicoco ezine kumasizini amabili , indebe yeMTN8 neye Nedbank Cup. Lensizwa edabuka eSpain ithi abadlali bakhe kuzofanele banyuse kakhulu amasokisi bangavumi ukukhishwa ekuseni kulomqhudelwano, ngonyaka odlule bakhishwe yi Jwaneg Galaxy yase Botswana esigabeni sokuqala sokuhlunga.
Amabhakabhaka asinqoba kanye lesicoco ngo 1995 kusagijima izinkunzi o-Jerry Skhosana , Edward Motale , Brandon Silent , Teboho Moloi , William Okpara , Mark Fish no Helman Mkhelele . Abaphathi be Pirates bamthengele abagadli abakhaliphile uRiveiro, kunensizwa edabuka e-Angola uDelvi Gilberto abamthenge ku Pedro d Luanda futhi unesipiliyoni emidlaweni yase Africa kulandele u Thuso Moleleki , Deano Van Rooyen no Selealo Rasebotja no Goodman Mosele.