OWAMI THABETHE
UFloyd Shivambu wesulile esikhundleni sokuba yiphini likaMengameli we-EFF, wathi uzojoyina iMK Party yowayenguMengameli uJacob Zuma. Umholi we-EFF uJulius Malema uthe izindaba zokusula kwePhini lakhe uShivambu eqenjini uzifanisa nezindaba zokushona kukanina wakhe.
UShivambu uthumele incwadi yakhe kumholi weqembu uMalema ngoLwesithathu mhlaka 14 Agasti emazisa ngokwesula kwakhe eqenjini.
“Ngizwe ubuhlungu obufanayo ngesikhathi ngithola izindaba zokudlula emhlabeni kukamama ngoba uFloyd kimina akalona nje iqabane, ungumfowethu,” kusho u Malema.
Phezu kwemibiko mayelana noqhekeko phakathi kwabaholi ababili, uMalema noShivambu, basamile kwelokuthi ubudlelwano babo buzohlale buqinile futhi akukho okuzongena phakathi kwabo.
“Siyisungule ndawonye le nhlangano futhi ngimtshelile ukuthi ukwesula ku-EFF kufana nokusula kuyena ngoba yinhlangano yakhe le,” kwelula uMalema.
UShivambu uphinde wamemezela esithangamini ukuthi uzojoyina iqembu lika Jacob Zuma, Umkhonto weSizwe.
“Ukungavuselelwa kwami ubulungu be-EFF akukhona ukungayethembi inhlangano kodwa kuyisenzo soguquko esizovumela amandla enqubekela phambili ukuthi ahlangane asebenzele ukufeza izinhloso zeqemmbu,” kuchaza uShivambu.
UMalema uthe iqembu lilahlekelwe yilungu elibalulekile.
“Akuyena yedwa uFloyd, uJimmy Manyi naye usesulile ukuyojoyina iMK futhi baningi nabanye abazoshiya i-EFF ngoba bethembekile futhi beseka iphini likamengameli kodwa lokhu akumele kuphazamise i-EFF.”
UMalema uthe lesi yisikhathi esivivinyayo, wathi ngeke bathuthelane ngenhlamba futhi ngeke bakhulume kabi ngomunye nomunye.
Umkhulumeli we-MK uNhlamulo Ndhlela uthe,
“UManyi noShivambu bazobekwa ezikhundleni ngokulandelana kwabo, ngokwamandla abo kanye nobuchule babo. Njengobuholi, sicela ukuthi wonke amalungu e-MKP akwamukele la maqabane amabili anenqubekela phambili njengoba eqala ukuba yingxenye yokuqhuba i-ajenda yenguquko.
“Sibafisela okuhle kodwa njengoba bewucosha umkhonto baqhubeke nokulwela ukukhululeka kwabantu ababecindezelwe nabancishwe amathuba ezweni lakithi,” kusho uNdhlela.