Abakwa-Engen bethule umkhankaso we-Winter Warmer School Shoe drive

Abafundi besinye sezikole esixhaswe abakwa-Engenngohlelo lawabo le-Winter Warmer School Shoe Drive

SHEILA MHLONGO

Inkampani yakwaEngen yethule umkhankaso wokusiza izingane zesikole ngezimpahla ezifudumule obizwa ngokuthi yi- Winter Warmer School Shoe drive, ongaphansi kohlelo lokubuyisela emphakathini (Social Investement-CSI), olwethule eWentworth kanye nase-Tholisu Primary School, eningizimu yeTheku, ngomhlaka 8 August.

Ngokwesitatimende sabakwa Engen, sithi lenkampani izohlomulisa abafundi bezikole zamabanga aphansi  (Primary Schools)  ezibalelwa ku 700 ezweni lonke, ngezimpahla  ezifudumele zokugqoka okubalwa amasokisi, izikhafu, izigqoko ezifudumalayo, izikhafu, kanye nezicathulo ezintsha.Okuyinto ezokwenziwa emasontweni ezayo kulesikhathi sobusika.

“Imfundo ingezinye zezindlela u-Engen azibophezele ngayo ukuyibhekelela ngohlelo lokubuyisela emphakathini (community social investement) .”kusho u-Olwethu Mdabulo oyi CSI menenja. Oweleke ngokuthi lenkampani iyaziqhenya ngomlando wayo omuhle wokunakekela umphakathi osezindaweni lapho usebenzela khona.

Siqhuba isitatimende sithi “ Njengenkampani “enenhliziyo” yokunakekela , uEngene uzibophezele kumgomo we United Nation Sustainable Development Goal, ephokophele ukuqinisekisa ikusasa eliqhakazile kubo bonke abantu.

Eqhuba uMdabula uthe, “ Siyakholelwa ekutheni imfundo ingukhiye wokushintsha izimpilo, okungakho sinothando lokwenza lomkhankaso we Winter Warmth School Shoes, ngoba izosiza kakhulu ukwenza ngcono kanye nokuthuthukisa abafundi abancane.” Waphetha, ngokuthi ngokusaphotha abafundi abancane siyoqinisekisa ukuvikela isithunzi sabo nokuthi bangalokothi baphuthwe usuku lokuya esikoleni ngenxa yokuthi bengenazo izicathulo zesikole.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *