Sizwe sakithi ngiyabingelela , kunenye into embi esingayinakile ebulala isizwe kulomkhakha wezokunandisa ngokomculo ngokulingisa . Akunakekile ukuqolwa kwabaculi nabalingisi beqolwa yizinkampani ezibancedisa ukuveza amakhono wabo . Kuba buhlungu sibone umuntu eduma esaziwa izwe lonke kanti imiphumela yemisebenzi yakhe idliwa ngomunye umuntu yena uthola ushintshi
Abanye bagcina bengayindawo kuphele ngeziphiwo zabo ngoba bengahambisani nezivumelwano ezifunwa ngabaxhasi babo , kubenzima ukuthi bawaveze amakhono wabo nakubomabonakude nasemisakazweni bafunwe intshotsho ngabaphathi bezinhlelo uma bengenalo izicelo zabo zingazwakali . Bantu bakithi awuphele lomkhuba uma usiza umuntu onekhono lokucula noma elokulingisa ungamqoli mnikeze isabelo esanele semiphumela yemisebenzi yakhe , nasemisakazweni nakumabonakude abaphathi bezinhlelo mabayeke ukufuna ukugwazelwa ukuze basize umuntu ukuveza ikhono lakhe . Kubuhlungu ukuhlupheka ube unekhono lakho usebenza kanzima ukuziveza ebantwini