OWAMI THABETHE
iSilo uMisuzulu kaZwelithini neNdlunkulu bazwakalise ukungenami ngokuqokwa kwethimba elixazulula izingxabano zendabuko ngaphandle kokuthi kukhulunywe nabo.
Ithimba liqokwe uButhelezi, esikhundleni sakhe njengoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Ngesonto eledlule, uButhelezi uxove uphaphe lwegwalagwala enkambini yeSilo, ngesikhathi ethula ithimba elihlanganisa nezikhulu ezaziwa ngokudicilela phansi iSilo uMisuzulu.
Kuleli thimba kukhona uMntwana uMbonisi owaziwayo ukuthi uphikisana neSilo. UMntwana uMbonisi ubephikisana nokuqokwa kweSilo kusukela ngo-2021 waya enkantolo ephikisana nokuhlonishwa kwakhe nguMengameli Cyril Ramaphosa. Ubelokhu ephusha ukuthi uMntwana uBuzabazi, indodana yeSilo uZwelithini engasekho esigodlweni sakwaDlamahlahla, kube nguye isilo.
Ithimba elinamalungu angu-9 libunjwe nguMntwana uMathubesizwe kaBhekuzulu (ozohola iqembu) uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, uMntwana uVulindlela kaBhekuzulu, uMntwana uMxolisi kaBhekuzulu, uMntwana uLindi kaBhekuzulu, uMntwana uThuthukani kaMcwayizeni kaSolomon, inyosi yesilo uBuzetsheni Mdletshe, uMfundisi Canon Hamilton Mbatha kanye noMfundisi Canon Daniel Mthembu.
UButhelezi uchaze ukuthi ugunyazwe wumthetho iKZN Traditional Leadership and Governance Act 5 ka-2005, onika uNgqongqoshe weCogta igunya lokubhekelela zonke izindaba ezithinta isikhungo sobuholi bomdabu.
Osondelene neSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu uthe akuzange kukhulunywe neSilo nomndeni wasebukhosini ngokuqokwa kwalesi sikhundla futhi bashaqekile ukuzwa ngakho. UMntwana uSimphiwe uthe abasebukhosini bafuna umhlangano neSilo ukuze kudingidwe lolu daba.
“UButhelezi ubenephutha ngokuqoka abantu ngaphandle kwezibusiso zeNgonyama. Noma ekwenzile njengoNgqongqoshe wakwaCogta kodwa kusenephutha ngoba wudaba lwesintu lolu. Kufanele akhumbule ukuthi wonke umhlaba ongaphansi kwamakhosi ungoweSilo ngaphansi kweNgonyama Trust, amakhosi aphethe umhlaba weSilo okusho ukuthi bekufanele kukhulunywe neSilo,” kusho uMntwana uSimphiwe.
UMntwana uMbonisi uthe akukho angakukhuluma ngabantu abangahambisani nokufakwa kwakhe ekubeni yena engaziqokanga yena.
Okhulumela iCogta, uSenzo Mzila, uthe isigungu sokuxazululwa kwengxabano esimenyezelwe nguNgqongqoshe sasingekho ngaphansi kwemvume yomndeni wasebukhosini.