IMeya yeTheku izibophezele ekubhekaneni nezinkinga zokulethwa kwezidingo

Esithombeni: IMeya yeTheku ngenkathi yethula inkulumo yayo esithangamini somhlangano kanye nezinhlangano zabakhokhi bentela eThekwini. Isithombe: sithunyelwe

OWAMI THABETHE

IMeya uCyril Xaba, kanye noSomlomo womkhandlu uThabani Nyawose, bakhulume nezinhlangano zabakhokhi ntela, banikeza izimpendulo ngezinkinga zokulethwa kwezidingo. Kuphinde kwaba yithuba lokuthi uXaba azethule kusoseshini.

Umhlangano odlule wawungo Ephreli kanti phakathi kwezindaba ezaziphakanyisiwe kwaba ; izinga lamanzi olwandle; ukuhlinzekwa kwamanzi ngezikhawu, ikakhulukazi ezindaweni ezisenyakatho neTheku; ukusebenza kwesikhungo sokuxhumana sikaMasipala; ukuqinisekisa ukuthi kukhona amalambu asebenzayo emigwaqeni.

“Sinesibopho sokulalela abakhokhi bentela ngoba sifuna babe ngamakhasimende ajabule. Ngokubambisana, singenza leli dolobha lisebenze, hhayi kithina kuphela kodwa nasesizukulwaneni esizayo. Sindawonye kulo mkhumbi,” kusho uXaba.

Mayelana nokuhlinzekwa kwamanzi, iMeya ithe okwamanje iDolobha libhekene nenkinga lapho isidingo samanzi sidlula ukuhlinzekwa kwamanzi. IDolobha belimatasa

 ukungenelela kokuhlinzekwa kwamanzi ngokulungisa amapayipi avuzayo, ukususa ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho kanye nokufakwa kwamamitha amanzi.

Ukubhekana nezinkinga zezinga lamanzi kwamanye amabhishi edolobha, uMasipala usebenzisana noMngeni-uThukela Water ukulungisa nokuthuthukisa izindawo zokuhlanza amanzi angcolile ezingu-10 ezisingatha u-90% wendle eThekwini.

Ilinganiselwa ku-R28 billion imali etshaliwe ekwakhiweni kwedamu eliphezulu laseMkhomazi, elizoqedwa ngo-2032, ngemizamo yokubhekana nenkinga yamanzi kuMasipala weTheku.

Mayelana nodaba lokukhokhela amabhili, uXaba uthe ekupheleni kukaNovemba, uMasipala uzobe usukhipha izikweletu zanyanga zonke . Abakhokhi ntela banxuswa ukuthi bathole i-App kaMasipala lapho bengafaka khona izibalo zabo zamamitha, babike amaphutha futhi bathole izikweletu zabo zanyanga zonke.

Ukuqinisekisa ukuthi amalambu  asemigwaqweni ayasebenza, iDolobha liqale uhlelo olunzulu lokulungisa amalambu asemgwaqweni acela ku-20 000. IDolobha lisebenzisana kakhulu nezinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini ukuze kunqandwe ukwebiwa nokucekelwa phansi kwengqalasizinda kagesi.

Uphethe ngokuqinisekisa abakhokhi bentela ukuthi idolobha liyayisukumela indaba yokugcinwa kwengqalasizinda ukuze kubhekwane nodaba lokulahleka kwamanzi nogesi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *