Isilo sikhathazekile ngokumiswa kokusebenza kwelayisense ye-Ithala SOC

Esithombeni: Ingonyama yamaZulu uMisuzulu KaZwelithini

OWAMI THABETHE

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sizwakalise ukukhathazeka ngokumiswa kwelayisensi yasebhange Ithala yiFinancial Sector Conduct Authority (FSCA) okuzocekela phansi izimpilo zezinkulungwane zabantu abangaphansi kwayo.

Lokhu kushiwo uNdunankulu wesizwe samaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, esitatimendeni esikhishwe ngomhlaka 25 Agasti.

I-FSCA ithe ukumiswa kusho ukuthi Ithala alivunyelwe ukuqhubeka nokusebenza futhi alivunyelwe ukuqhubeka nokuhlinzeka ngezimali. Ithala liphendukele kwiFinancial Services Tribunal ukuze licubungule kabusha isinqumo seFSCA

“ISilo sikhathazekile ngokuthi ukumiswa kwelayisensi yebhange Ithala kuzoba nomthelela omubi empilweni yezinkulungwane zabantu bakhe abathembele ebhange Ithala ukuthi liqhube amabhizinisi nenhlalakahle,” kusho uButhelezi.

UButhelezi uthe iSilo sikholelwa kakhulu ekutheni imisebenzi yeThala iwumgogodla wosomabhizinisi basemakhaya nasemalokishini KwaZulu-Natal ngakho akumele iphazamiseke.

“ISilo sibheka ibhange Ithala njenomlando kaNdunankulu wakhe uMntwana uMangosuthu Buthelezi, okuyifa okumele lihlonishwe futhi livikelwe ukuze izizukulwane ezizayo nazo zihlomule kuleli bhange,” usho kanje.

UNdunankulu uthe iSilo siyalele ukuthi axhumane noNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana kanye noNdunankulu waseKZN uThami Ntuli ukuze baqinisekise ukuthi ikhona imizamo eyenziwayo yokubuyisela ilayisensi yasebhange  Ithala ngaphandle kokulibala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *