OWAMI THABETHE
Iqembu loMkhonto weSizwe (MKP) selimemezele impi namalungu alo ahudulela iqembu enkantolo ngemuva kokuxoshwa kwawo ePhalamende likazwelonke.
UNhlamulo Ndhlela, okhulumela iqembu futhi oyilungu lePhalamende, utshele iDaily News ukuthi amalungu akhonjwa indlela ayisa iqembu enkantolo.
“Laba bantu abasiyisa ezinkantolo babazi kahle ukuthi basePhalamende ngomusa weqembu. Angiqondi ukuthi kungani besiyisa enkantolo. Kodwa sidweba umugqa sithi abantu abasiyisa ezinkantolo mabathathelwe izinyathelo baxoshwe kwinhlangano,” kusho uNdhlela.
Lokhu kungemuva kokuba abangu-10 kwabangu-18 befake amaphepha enkantolo ngoMsombuluko mhlaka 19 Agasti, bephikisa ngokusemthethweni ukususwa kwabo ePhalamende likazwelonke ngendlela engafanele. La maphepha afakwe eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.
Phakathi kwabo bekukhona uThami Khuzwayo obengumholi we-Student Command yeqembu.
Amalungu e-MKP u-Isaac Menyatso, Mpho Motshegoe, Augustin Madala Qwetha, Grace Mgwebi, Ntombenhle Mkhize, Matholeni Masilela, Bongani Mfiki, Senzo Dlamini no-Agnes Mogotsi babeyingxenye yezicelo ezisemthethweni zokuthi babuyiselwe ePhalamende.
UNdhlela uthe iqembu ngeke liphanjaniswe yinoma yimaphi amalungu noma abantu bangaphandle abahlela ukudicilela phansi iqembu. Ethula isexwayiso esishubile, uthe amalungu afake iqembu enkantolo azobhekana nengwadla efana neyomholi owasungula leli qembu, uMnuz Jabulani Khumalo, owaxoshwa eqenjini walahlekelwa kaningi enkantolo.
“Empeleni laba bafana benza into efanayo naleyo eyenziwa nguJabulani Khumalo wase ehlulwa. Bazobhekana nemiphumela efanayo. Iqembu leMK ngeyabantu, laba bazama ukuliduna bazenzele elabo,” kuphetha uNdhlela.