OWAMI THABETHE
I-ANC simemezele ukuthi lowo owayengumengameli wayo, uMnuz Jacob Zuma, osehola uMkhonto weSizwe Party (MK), akaselona ilungu lale nhlangano ngemuva kokuthi ehlulekile ukuphendula zingakapheli izinsuku ezingu-21 ukuze adlulise isicelo sokuxoshwa kwakhe.
Ibamba lomkhulumeli we-ANC kuzwelonke uZuko Godlimpi ukuqinisekisile ukuthi i-ANC – okuyinhlangano uZuma ayihole njengoMengameli iminyaka engu-10 phakathi kuka-2007 no-2017 – ibingakasitholi isikhalo sikaZuma, futhi ngokohlelo lweqembu ubengaselona ilungu le-ANC.
UGodlimpi uthe ngokomthethosisekelo we-ANC ayikho enye indlela engasetshenziswa uZuma.
“Besingakezwa lutho ekomitini lethu eliqondisa izigwegwe kuzwelonke (NDC) mayelana nokudluliswa kwesinqumo esifakwe nguZuma, ngakho-ke usexoshiwe. Njengamanje ayikho enye imigudu angayithola ngokomthethosisekelo we-ANC yokuphikisa isinqumo sokuxoshwa kwakhe,” kusho uGodlimpi.
UZuma waxoshwa ku-ANC ngoJulayi 29, ngemuva kokuthi i-NDC yeqembu imthole enamacala amabili okungaziphathi kahle.
La macala ahlobene nesimemezelo uZuma asenza ngoDisemba 16 ngonyaka odlule sokuthi ngeke akhankase futhi ayivotele i-ANC okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe lwango 29 Meyi . UZuma waphinde wabekwa icala ngeqhaza lakhe ekubhaliseni i-MK Party njengeqembu lezepolitiki, nokubanikeza isibusiso sakhe.
UZuma waphinde waveza ukuthi nakuba esethathe isinqumo sokuvotela iqembu elisanda kusungulwa loMkhonto weSizwe kodwa uzofa eyilungu le-ANC.
Ngokwe-NDC ye-ANC, uZuma ubekwe icala lokwephula umthetho 25.17 womthethosisekelo we-ANC.
Umphumela wokhetho lwangoMeyi 29 wenze i-ANC yalahlekelwa amavoti amaningi KwaZulu-Natal ngenxa ye-MK Party, yehla isuka ku-54% yaya ku-17%, yabe isihoxiswa esihlalweni esiphezulu sezombusazwe esifundazweni.