Bakhalelwe amasongo kasigonyela abokufika kuleli abangu-120 abangenazo izincwadi

Isithombe: sithunyelwe

OWAMI THABETHE

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu Thamsanqa Ntuli uhole umkhankaso omkhulu wokulwa namabhilidi akhiwe ngokungemthetho endaweni yasePhoyinti eThekwini ehamba neMeya yeTheku uCyril Xaba kanye nokhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi mhla zingu 27 Agasti .

UNdunankulu uNtuli uthe uzibophezele ekutheni  aqinisekise ukuthi iKwaZulu-Natal ihlala iyisifundazwe esiphephile nesisemthethweni, lapho amalungelo azo zonke izakhamizi evikelekile futhi ehlonishwa khona. Lo msebenzi uwumyalezo ocacile wokuthi izenzo ezingekho emthethweni, okuhlanganisa nokuhla ngokungemthetho, ngeke bakubekezelele.

Lo mkhankaso owenziwe ngokubambisana namaphoyisa KwaZulu-Natali eholwa nguLt-General Nhlanhla Mkhwanazi, uholele ekutheni kuboshwe abokufika abangaphezu kuka-120 abangenazo izincwadi. Lesi senzo sigcizelela ukuzinikela kukaNdunankulu ekuphakamiseni umthetho nokuvikela imiphakathi yethu ezintweni ezingekho emthethweni ezibeka engcupheni inhlalakahle yezakhamuzi zethu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *