Bazobulawa indlala abafundi KwaZulu-Natali

OWAMI THABETHE

Othishanhloko bezikole KwaZulu-Natali sebezwakalise ukukhathazeka ngokuphelelwa wukudla kuleli sonto uma abahlinzeki beNational School Nutrition Programme (NSNP) besifeza isithembiso sabo sokumisa lolu hlelo uma bengakhokhelwa.

Okungenani u-60% wabaphakeli sekuphele izinyanga ezintathu ungaholi, uMnyango wezeMfundo wase ubesabisa ngokuthi bazowumisa umsebenzi wabo ngoba babhekene nezinkinga zezimali.

Okhulumela abahlinzeki eKZN, uMnuz Thabang Mncwabe, uthe abahlinzeki basenkingeni enkulu yezimali futhi ukubambezeleka kokukhokha sekuyinselelo enkulu, njengoba abanye abahlinzeki babhekene nokulahlekelwa izindawo zabo ngenxa yezikweletu ezinkulu.

Ngesikhathi ethula isabelomali somnyango wakhe ekuqaleni kwale nyanga, uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, u-Sipho Hlomuka, umemezele ukuthi isabelo-mali esigunyaziwe sohlelo lokudla ezikoleni asenele. Njengamanje lolu hlelo luhlinzeka ngokudla ezinganeni ezingaphezu kuka-2.4 million ezikoleni ezingu-5 405 KwaZulu-Natal.

 Kubafundi abaningi, ukudla kuwukuphela kokudla okugcwele, okunomsoco abakuthola nsuku zonke ikakhulukazi kubafundi abasezindaweni zasemakhaya.

Uthishanhloko wesikole eNewcastle uthe inkampani ehlinzeka ngokudla ayizange ikulethe ukudla kuleli sonto. “Umthengisi uthe maningi amathuba okuthi bakhokhelwe kungakapheli inyanga ka Agasti, ngakho-ke bazoletha ukudla uma sebeholile.”

“Siyisikole esisendaweni yasemakhaya enezingane eziningi ezincike kakhulu ekudleni kwesikole. Uma lokhu kuqhubeka isikhathi eside, kuzofanele sitshele abazali ukuthi bapakishele izingane zabo ukudla futhi lokho kuzoba nzima kakhulu,”kuchaza uthishanhloko.

Esifundeni Ugu, zibalelwa ku-22 izinkampani ezingazange zilethe ukudla ezikoleni kuleli sonto ngenxa yokubambezeleka kokukhokha. Omunye wabahlinzeki bezinsiza, ophakela izikole ezingu-11 ukudla, uthe zonke lezikole azinakho ukudla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *