OWAMI THABETHE
IMeya yeTheku, ukhansela Cyril Xaba, ithi ukuthi izifunda eziningi zeDolobha azinawo amanzi kungenxa yengqalasizinda egugile, isidingo samanzi esidlula ukuhlinzekwa kwabantu ngenxa yokwanda kwabantu, ukwebiwa nokucekelwa phansi kwempahla.
Ethula umbiko ngokunqamuka kwamanzi nezinye izindaba zokulethwa kwezidingongqangi esithangamini sangempelasonto edlule, uXaba uthe nakuba ukuhlinzekwa kwamanzi kuzinzile, kunezindawo ezinikezwa amanzi.
“Isibonelo, esifundeni esimaphakathi, ukuthengwa kwamanzi bekuku-100%, u-95% ube ngaphakathi-nentshonalanga, u-90% ezifundeni ezisenyakatho neziseningizimu u-85% ngaphandle entshonalanga,” kusho uXaba.
UXaba uthi uMasipala wenza izinhlelo ezine ukuze unciphise lezi zinselelo.
UXaba uchazile ukuthi uhlelo luka-R1.2 billion lokulungisa nokuthuthukisa i-Southern Aqueduct luzokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwamanzi eMlazi, Folweni, Chatsworth kanye ne-Adams Mission. Uthe ingxenye yokulungiswa kwepayipi izosebenza ngoDisemba, wathi lolu wuhlelo lweminyaka emibili.
Kuzojutshwa iNorthern Aqueduct entsha ezothuthukisa ukuhlinzekwa kwamanzi ePhoenix, eNanda, eNtuzuma nasoThongathi enyakatho.
“Bekufanele sikhiphe leli payipi elisha ekupheleni kuka-Agasti. Nokho sinqume ukuluhlehlisa lolu hlelo kuze kube siyayinqoba inselelo ekhona yokuncipha kwamanzi,” kusho iMeya.
Mayelana nezinselelo zamanzi KwaXimba, uXaba uthe iDolobha lisebenzisana noMngeni/uThukela Water, kanti kuze kube manje ngoMashi sekufakwe isikhungo samanzi esingama-megalitre amabili.
Uqhube wathi ngoJuni wonyaka ozayo kuzobe kunyuke ama-megalitha amahlanu.
Iphrojekthi yesine, eNtuzuma, kuzoba ukuthuthukiswa kwesiteshi sompompi ukuze kuthuthukiswe ukutholakala kwamanzi eNanda naKwaMashu, kanti le phrojekthi kulindeleke ukuthi isongwe ngoNovemba 2024.