ITheku lamukele ukuvulwa kabusha kwe Hilton Hotel

Ngemuva kokuvala iminyango eminyakeni emithathu edlule, i-Durban's Hilton Hotel isiphinde yavula iminyango yayo - futhi ngesikhathi esifanele sokugubha inyanga yezokuvakasha. Isithombe: Tumi Pakkies/Independent Newspapers

OWAMI THABETHE

UMasipala weTheku wamukele ukuvulwa kabusha kwe-Hilton Hotel  okuzohlomulisa kakhulu umnotho weDolobha wezokuvakasha njengoba sigubha ukuqala kweNyanga yezokuvakasha egujwa minyaka yonke ngoMandulo (September) ngenhloso yokugqugquzela uhambo lwasekhaya.

Ukuvulwa kabusha kwehhotela kuzophinde kwengeze ohlwini lwezindawo zokulala zikanokusho zedolobha laseThekwini.

IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba uthe ukuvulwa kabusha kwehhotela  kuzothuthukisa amasu ebhizinisi ledolobha uma kusingathwa izingqungquthela zikazwelonke nezamazwe ngamazwe.

“Ngaphandle kokuthuthukisa ulwazi lwezokuvakasha ezivakashini zedolobha lethu, ukuvulwa kabusha kwehhotela kuzoba nomthelela omkhulu ekudaleni amathuba emisebenzi. I-Hilton Hotel iphinde ibe wusizo olukhulu e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (Durban ICC), eseduze nehhotela.

 Kuyasijabulisa ukuthi umkhankaso wethu wokuheha abatshalizimali kuleli dolobha, ngohlelo lwethu lwe-Inner-City Regeneration Programme usuqala ukuveza imiphumela emihle,” kusho iMeya uXaba.

Ihhotela lisendaweni ephambili yendawo yeDolobha Yemihlangano yezokuvakasha yebhizinisi, Izinkomfa kanye Nemibukiso (MICE). Kulapho kugcinwa khona i-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre kanye neDurban Exhibition Centre. Leli yiphakethe elihehayo njengoba lizokwenza kube lula ukuhamba kwezithunywa ukusuka ezindaweni zokulala kuya ezindaweni zomhlangano.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *