UMnyango Wezempilo usuthe amaphaphu phansi nge Mpox

OWAMI THABETHE

I-Africa CDC ithembise ukuletha imithamo yokugomela i-mpox  nengu 10 million ngo-2025, isebenzisane ne-Bavarian Nordic ukuthuthukisa amakhono okukhiqiza imigomo e-Afrika.

UMqondisi Jikelele uDkt Jean Kaseya uthe umgomo wokuqala ungasetshenziswa ngoSepthemba.

“Siyasebenzisana ukuze sithole lo mgomo noma ngabe i-Afrika inikela ngemali encane kodwa siyafaka, imigomo izotholakala maduze nje mhlawumbe ekupheleni kwesonto elizayo.Ngalokho, sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi abaphathi be-supply chain kanye ne-logistics sekulungile.

Ngalesi sizathu, sizonikeza nohulumeni imali ethile yokuqinisekisa ukuthi lo mgomo uzogcinwa ngokuphephile futhi unganikezwa ngokuphepha kubantu abawudingayo”, kuchaza uKaseya.

Uqhube wathi basebenzela nokuqwashisa umphakathi ngalo mgomo futhi bagweme ukucwaswa okungenzeka ngakuwo, njengoba kwenzeka ngomgomo we-COVID-19.

UMnyango Wezempilo uqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ukubheduka kweMpox okukhona njengamanje lusalawuleka. Kodwa-ke, lokhu akusho ukuthi abantu kufanele bangazinakekeli ngoba sifundile kubhubhane lwe-COVID-19 ukuthi igciwane liyashesha ukubhebhetheka uma singaziqaphile.

Ngokusho komnyango, iNingizimu Afrika isahlezi iqaphile uma kwenzeka ukwanda kwesifo se-Mpox kanye nokuvela kwezifo ezintsha ezithelelanayo.

Umnyango usucele izakhamizi ukuthi zidlale indima yazo futhi zisekele imizamo yezwe yokunqanda ukubhebhetheka kweMpox.

“Asifuni ukubona okwenzeka ngesikhathi se-COVID. Sidinga ngempela ukuqinisa ukuxhumana ngalo mgomo ukuze siqinisekise ukuthi wonke umuntu uyawusebenzisa umgomo,” kwengeza uKaseya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *