Sanibonani bantu bakithi. Ngithi angikhuze kubantu besimame, uma uzizwa uvukelwa ngumona komunye ngathi ungasheshe uzikhuze ungakenzi into ebuhlungu kuyena. Kutheni nalimazana ngezichitho kanje nibe ninobulili obufanayo? Umshayelani ngesichitho omunye umuntu wesifazane ofana nawe?
Isibindi esingaka sokubona umuntu ebola ubuso ngento omenze yona sibuyaphi ? Kwenzenjani nalimazana nodwa kanje ? Asoze bayeke ukudlala ngani nokunihlukumeza abantu besilisa uma benibona nizondana ngalendlela. Aniyeke lomkhuba wezichitho bantu besifazane nithandane
Obhalayo umfundisi Katlego Nare