WONDERBOY NGCOBO
Usomabhizinisi waseThekwini uMnuz Wonder Ngcobo uthi maduze nje kuzomenyezelwa usuku lokwethula lomsebenzi emphakathini lapho kuzobe kuphelele zonke izinhlaka ezithintekayo, emphakathini waseMbumbulu. Lokhu kuza emva kokuthi indawo yaseMbumbulu iqokwe njengenye yezindawo okumele zihlomule kuloluhlelo okuhloswe ngalo ukuthuthukisa umphakathi lapho kuqokwe intsha engu 100 engasebenzi ezobamba iqhaza kuloluhlelo. Ngaphandle kokuhlomulisa intsha engasebenzi kuzophinde kuhlomule nezinhlangano zomphakathi ezintathu ezizothola intsha ezosebenza kuzo ilekelele lapho kudingeka khona isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha (6 Months).
U Mnuz Thalente Ncikazi we nhlangano iSibumba Ikusasa youth organisation okuyinhlangano engenzi nzuzo ehlomulile kulohlelo, nophinde abe ngumxhumanisi wohlelo nomphakathi uthe uyabonga ukuthi bathole ithuba elihle kangaka, uthi loluhlelo lufike ngesikhathi lapho beludinga ngempela uthi kunzima ukuthola uxhaso lokho kwenza balahlekelwe abantu ababasizayo ngoba kunzima ukuvuka uyosebenza ungatholi lutho wathi lokho kwenza bagcine behluleka ukwenza umsebenzi abazibophezela ukuwenzela umphakathi . ukuvikela intsha ekubeni uvanzi okugcina kuyifake ezintweni ezibeka impilo yentsha engcupheni njengophuzo oludakayo, izidakamizwa, ukuzimbandakanya nocansi kwezingane, nobugebengu njalonjalo. uphethe ngokunxusa intsha ehlomulile kuloluhlelo ukuba iluhloniphe iphinde iziphathe kahle ukuze kuzophinde kube lula ukukhumbuleka nangokuzayo lapho kuqhamukaamanye amathuba afuze lawa. ubesebonga oyi menenja yaloluhlelo ngokuqoka indawo yabo ezindaweni eziningi abengaziqoka.
Oyimenenja yohlelo uMnuz Wonder Ngcobo oyi co-founder nosihlalo we South African Computer refurbishment and distribution (SACRAD) nongumsunguli weNcavana Holdings eqondene nokuqeqesha abantu abangasebenzi ibasize ukubatholela imisebenzi, iphinde ifundise umphakathi ngokusungulwa kwamabhizinisi, aphinde abe ngumsakazi esiteshini somphakathi esizinze eMlazi Megacity. uthe imuva lakhe yilo elimgqugquzela ukuthi ahlale elangazelela ukusiza abantu abaswele ikakhulukazi abantu basemakhaya, uthi ukuba ngumholi akukhulelwa futhi akudingi ukuthi ube nemali kodwa ukubheka izinkinga ezikhungethe abantu bese usondeza usizo, uqhube wathi kuningi asekwenzele umphakathi kusuka ngonyaka ka 2008 esafunda mhla efundisa izingane umdlalo weshashalazi ezibizwa ngeZimbali zeSizwe endaweni yaseMthwalume lapho azifaka khona emncintiswaneni owawu kwaMashu ngosizo luka bhuti wakhe omdala, kwathi ngonyaka ka 2012 wasebenzisana nomasipala ikwaSani local municipality lapho bekufundiswa umphakathi ngezamabhizinisi nokusungulwa kwemifelandawonye ngaphansi kohlelo luka hulumeni lokuthuthukisa imiphakathi nalapho abhalisa imifelandawonye engaphezu kweyikhulu (100). kuthe ngonyaka ka 2015 wakhethwa yinhlangano uSmartxchange njengengxenye yohlelo lokuthuthukisa osomabhizinisi base Port Shepstone njengalokhu ibizovula isikhungo ngaphansi komkhandlu woGU, njengamanje ubhekene nommsebenzi wokuhlonza izindawo ezizohlomula ohlelweni lwemifundaze njengalokhu enzile nasembumbulu, uthi kuba nzima kubantu basemakhaya ukuthola imisebenzi njengoba bekude namadolobha lokho kwenza intsha igcine isizinikela ezidakamizweni eyesifazane izithole isichitha isizungu ngokuzimbandakanya nocansi olungaphephile bese ithola izingane, yingakho kufanele babhekelwe ngamathuba afuze lawa. ngaphandle kwalokho uthi kukhona olunye uhlelo lapho intsha engu 750 izothola ithuba lokuya phesheya kwezilwandle iyofundiswa ngemisebenzi yomphakathi isikhath esingangamasonto ayisithupha ezweni lase Melika.
uNgcobo unxuse intsha ukuba ingakhethi imisebenzi wathi izinyanga eziyisithupha zibukeka zincane kodwa kukhulu ongakwenza ngaleyomali uma ungumuntu ozaziyo ukuthi ufunani empilweni, uthi inkinga abahlangabezana nayo ukuthi intsha uma isithole ithuba ijabulela imali bese ingawuhloniphi umsebenzi ewunikiwe, lokho okuwukudelela umsebenzi bakhohlwe ukuthi imisebenzi yomphakathi inikeza isipiliyoni esisizayo lapho ufuna umsebenzi, uphethe ngokuthi uhlelo lwase Mbumbulu luzoqala mhlaka 01 October 2024.