![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/09/image-15.png)
SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu. Thamsanqa Ntuli usezwakalise ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzibophezele ekuvuseleleni uzinzo kwezomnotho ngokuthi adale amathuba emisebenzi, kanye nokuqinisa ukugcinwa komthetho KwaZulu-Natali. UNdunankulu ukusho lokhu ngesikhathi eqhuba uhlelo iOperation Siyahlola kuMasipala waseMandeni ngoLwesihlanu olwedlule.
UNdunankulu uNtuli ubeqhuba loluhlelo lwe Operation Siyahlola ngenhloso yokubhekisisa izimboni zasendaweni yakwaSithebe eMandeni ezacekelwa phansi ngesikhathi kwakunezibhelu zika Julayi 2021.
Loluhlelo lwe Operation Siyahlola beluhlanganise ukubhekwa kweSuperling Clothing (PTY) Ltd lapho kuye kwatholakala abokufika kuleli abebenganazo izincwadi ezibavumela ukuthi babe kuleli maqede baboshwa khona lapho.
Loluhlelo luphinde luhambisane nomgomo kahulumeni wesifundazwe wokubuyisela ukugcinwa komthetho , kuqiniswe ezokuphepha, ukuze kuqinisekiswe ukuthi amabhizinisi aqhutshwa ngaphansi kwesimo esiphephile kanye nesilawulwa ngokomthetho.
Kulokuhlolwa kwendawo bekugcizelelwa ukuzibophezela kukahulumeni wokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi aqhuba ngaphansi komthetho oluhambisana nemithetho yezokuqashwa, kuphinde kuvikelwe umnotho wendawo, ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasebenzi bathola imiholo esemthethweni.
UNdunankulu uNtuli ubephelezelwa iMeya ne-Ilembe District ukhansela Thobani Shandu, iMeya yaseMandeni, ukhansela Thabani Mdlalose kanye no District Police Commissioner uMajor General Anthony Gopaul.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba emva kokuhlolwa kwendawo uNtuli uzwakalise ukuthi bathole ukuthi amanye amabhizinisi endaweni abeqhutshwa ngaphandle kwezimvume futhi engayigcini imithetho.
“Ngenxa yalokhu abombutho wezamaphoyisa iSouth African Police Service babophe abanye abantu baphinde bavala nezinye zezimboni . Lemizamo ingenye yezindlela uhulumeni azibophezele ngayo ukuqinisekisa ukusimama kwamabhizinisi KwaZulu-Natali.” Kusho uNdunankulu uNtuli.
UNtuli utshele abakokufika kuleli ukuthi kungcono baphindele emazweni abo baze babuye ngoba sebephethe izincwadi ezisemthethweni, futhi bangavumi ukuxhashazwa amabhizinisi abaholela imali encane. SANews.gov.za