Uqophe umlando uWilliams eqokelwa kweye FIFA Ballon’Dor

SBU MAMBA

Unozinti weBafana Bafana neMamelodi Sundowns uRonwen Williams ogile izimanga emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations (AFCON) uqokelwe emunxeni weYashin obangwa onozinti abahlukene emhlabeni,  Indondo ye Ballon’dor umklomelo omkhulu ohlonishwayo emhlabeni wonke jikelele , abadlali abanenhlanhla yokuwina lendondo izinkunzi zase Europe ezidlala kumaligi ahlonishwayo o-Cristiano Ronaldo noLionel Messi.

Imiklomelo yeFIFA ayiwinwa noma ubani ,uWilliams ungunozinti wokuqala eNingizimu Africa oqokelwe umklomelo weYashin Trophy , kodwa ungowesithathu eminyakeni embalwa edlule ukuqokelwa iBallon d’or , ngo 2017 unozinti wakuleli u-Oscarine Masuluke waqokwa

emunxeni wePushkas Award okunguwegoli elihle ukuwadlula wonke emhlabeni alivalilela enethini bebhekene ne-Orlando Pirates . Omunye umdlali waseMzansi owaqokelwa kowe Pushkas ngu Hlompho Kekana weSundowns ngegoli alishaya bebhekene neCape Town City 2019.

Ujabule kakhulu umfoka Wiliams ngokuqokwa kulomklomelo uthe “ baningi abantu engingababonga , abaqeqeshi ,ozakwethu , abangisizile kulolu hambo , ngibonga nabazali bami” . Kanti lensizwa yase Port-Elizabeth izobanga lomklomelo weYashin Trophy nonozinti abaphezulu emhlabeni okungu Diego Costa wase Portugal , Gianligi wase Italy , Gregor Kobel wase Switzerland , Andriy Lunin wase Ukraine , Mike Maigan wase France , Mamardashvili wase George , Emiliano Martinez wase Argentina , Unai Simon wase Spain kanye noYann Sommer wase Inter Milan. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *