IChiefs iyiqale kahle izinini entsha ye-Betway Premiership

SBU MAMBA
Impofana abafana bokuthula noXolo iKaizer Chiefs iyiqale kahle isizini
entsha ye Betway Premiership ngokucosha amaphuzu amathathu
behlula iMarumo Gallants ngo 2-1 emdlalweni wabo wokuqala weligi ka
2024 obuse Toyota Stadium eBloemfontein ngeSonto ntambama. IChefs
ishaya ngomqeqeshi omusha sha uNasreddine Nabi onerekhodi elihle
ebholeni lase Africa lokuwina izicoco njalo ngesizini.
UNabi ujabulise abalandeli bamaKhosi ngokunqoba umdlalo wakhe
wokuqala weligi , umfoka Nabi udume ngokudlala ibhola elisezingeni
eliphezulu , elisheshayo bese egadla ngezinsizwa ezinesivinini,
kulomdlalo uNabi ubebophele uFiacre Ntwari emapalini kanti odongeni
lwasemuva bekugijima uReeve Frosler , Bradley Cross, Inacio Miguel no
Rushwin Dortley ,esiswini bekuboshelwe uSamkelo Zwane , Mduduzi
Shabalala no Yusuf Mart kanti kubagadli ubebophele uGastin Sirino
,Ranga Chivaviro no Basomboli Christian Saile
Amakhosi asiqale kahle isiwombe sokuqala kubhoke kakhulu umfana
omncane uShabalala noSirino kodwa kube iMarumo Gallants egadle
kuqala ngegoli lika Christopher Sithole kanti ayibuzanga elangeni
akuphelanga ngisho nemizuzu eyishumi walibeka enethini uMdu
Shabalala igoli leChiefs lokulinganisa. Ngesiwombe sesibili iChiefs
iqhubeke lapho ebigcine khona ngesiwombe sokuqala , ihlasela
ngamandla ezintini zika Washington Arubi kuthe ngomzuzu ka 79
wagadla uMfundo Vilakazi evalela enethini ibhola eligotshwe uWandile
Duba anqoba kanjalo Amakhosi ngo 2-1. Lomphumela ubuyise ithemba
kubalandeli bempofana kanti umdlalo weChiefs olandelayo uzoba
ngomhlaka 25 Septhemba lapho bazobhekana khona nezinsizwa
zaseThekwini uSuthu olumabheshankone Amazulu F.C
Imiphumela yangempelasonto yeBetway Premiership : Kaizer Chiefs 2
Marumo Gallants 1, Polokwane City 2 Amazulu 1 , Richards bay 1 TS
Galaxy 0

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *