OWAMI THABETHE
IPhini likaNgqongqoshe Wezempilo uDktl. Joe Phaahla uveze ukuthi isifo sikashukela sesiyimbangela yesibili yokufa kwabantu abaningi kuleli futhi siyimbangela ehamba phambili yokufa kwabesifazane.
UPhaahla uthe izinga lenyuke lisuka ku-7,7% ngo-2018 laya ku-8,2%, ekhomba inkinga yezempilo ekhulayo futhi egcizelela nesidingo sokutholwa kwalesisifo kusenesikhathi. Umemezele imizamo emisha yokubhekana nalolu daba.
Uveze lokhu ngoMsombuluko, mhlaka 16 September, ePitoli futhi waveza izinhlelo zikahulumeni zokubhekana nomthwalo wezifo ze Noncommunicable diseases ( NCD).
Ngokusho kukaPhaahla, i-NCDs, eyaziwa nge-lifestyle Diseases, isivele njengenselelo enkulu yezempilo emhlabeni, ethinta izigidi zabantu, kanti ibalwa nezimbangela zokufa kwabantu abaningi eMzansi namuhla.
“Isifo sikashukela, ngokusho komnyango, sihlezi siyimbangela yesibili yokushona kwabantu ngo-2020 njengoba singu-6,6% wabo bonke abashonile, kulandela iCovid-19 eyaqala ukutholakala ngawo lowo nyaka futhi yaba yimbangela yokufa kwabantu abaningi,” kuchaza uPhaahla.
Ngenxa yalokhu, uPhaahla uthe uhulumeni useqalile ukuqeqesha abasebenzi bezempilo bomphakathi kanye nabelaphi bendabuko ukuze basize ukulwa nalokhu.
“Odokotela bendawo sebehlonyiswe ngamathuluzi okuhlola umfutho wegazi kanye noshukela egazini, uma bebhekene nanoma yiziphi izinkinga bangadlulisela iziguli ezikhungweni zezempilo ukuze zizothola ukunakekelwa okwengeziwe,” echaza.
KuPhaahla, akugxili ekuhlonzeni isifo sikashukela kuphela kodwa nokufundisa abantu ngezinto eziyingozi kanye nokushintsha kwendlela yokuphila enempilo ukuze kunqandwe lesi sifo sibhebhetheke.
Uthe ukwenyuka kwamazinga kashukela, okuhambisana nezinye izifo ezingalapheki njengomfutho wegazi ophezulu kanye nomdlavuza, sekuyinkinga enkulu yezempilo edinga ukunakwa ngokushesha.
Ube esechaza ukuthi le ndlela ihlanganisa imikhankaso yezempilo yomphakathi yokukhuthaza impilo enempilo ngesikhathi kugqugquzelwa abantu ukuthi badle kahle, bazivocavoce njalo, bagweme izinto eziyingozi.
.