Bantu bakithi ngiyanibingelela sesibheke osukwini lokugubha amasiko nemvelaphi yethu , ngicela ukunikhuthaza ukuthi ningavumeli noma yini enganikhohlisa ngokuthi amasiko wenu awabalulekile , isiko lomuntu liyimpande yomuntu njalo uma umuntu esesukile kulo ufana nesihlahla esinqunyiwe sehlukaniswa nezimpande zaso esingeke siphinde sikwazi ukuthela
Isiko lomuntu liyimpande yakhe ngoba limsondeza eduze nomdali limnikeze nokuhlakanipha akwazi ukulalela ukukhuluma kwemvelo okuyikhona okuphumelelisa umuntu entweni asuke eyenza . Ungavumi ukulahliswa amasiko akho .