OWAMI THABETHE
Uphiko lwentsha ye-ANC KwaZulu-Natali lumise iTheku ngoMsombuluko mhlaka 09 Sephthemba ngesikhathi lumashela inkinga yokuntuleka kwemisebenzi eqhubekayo eThekwini.
Amakhulu abantu abasha, eholwa nguMengameli we-ANCYL, uMnuz Collen Malatji, baqunge isibindi lina izulu bamasha emigwaqeni yeTheku befuna kusheshe kungenelele uhulumeni ukuze kuliwe nokuntuleka kwemisebenzi entsheni.
Le mashi ilandela uchungechunge lwezicelo ze-ANCYL zokuthi ithathelwe izinyathelo ezinqala mayelana nenhlekelele abayibize “njengenhlekelele kazwelonke” yokuntuleka kwemisebenzi entsheni.
Phakathi kwababambe iqhaza kubalwa uNobhala we-ANC esifundeni saseThekwini, uMnuz Musa Nciki, nePhini likaSihlalo uMnuz Thembo Ntuli.
Ngokujabula okukhulu nokucula izingoma zoMzabalazo, i-ANCYL imashe isuka epaki iKing Dinuzulu idlula kuPixley KaSeme Street (West Street) yaze yayofika ehholo ledolobha laseThekwini lapho ifike yanikeza izikhulu zomkhandlu weTheku incwadi yezimfuno.
Ezinye zezimfuno ze-ANCYL kubalwa ukwakhiwa kwezigidi zamathuba emisebenzi ngezinhlelo zikahulumeni nemigomo evuna ukuqashwa kwentsha, okuhlanganisa nokunxusa ukuthi kunikezwe isibonelelo sikahulumeni sokungasebenzi ukuze sisize abantu abasha ukuze bakwazi ukungena emakethe yemisebenzi.
UMalatji uthe njenge-ANCYL NEC batshele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi asheshe abhekane nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi edonsa kanzima.
UMalatji uphinde wathi udaba lwabokufika kuleli ngokungemthetho lunomthelela omkhulu ekuswelekeni kwemisebenzi.
“Sithi wonke umuntu kumele abambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi intsha yakuleli iyaqashwa.
Ukuntuleka kwemisebenzi kuholela abantu bakithi ezidakamizweni, ophuzweni nasebugebengwini.
Yingakho sithi uma nifuna ukuqeda ubugebengu nezidakamizwa kuleli into yokuqala okumele niyenze wukuqeda ukungasebenzi kwentsha,” kugcizelela uMalatji.