OWAMI THABETHE
Uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali umemezele ukuthi amathimba ezokuphepha emgwaqeni asebenza
Ngokuzinikela, alindile njengoba kulindeleke ukuthi amazinga okushisa ehle ekupheleni kwaleli sonto, okungenzeka kube neqhwa.
Yize iSouth African Weather Service (SAWS) ingasikhiphi isexwayiso esisemthethweni sesimo sezulu, abezimo sezulu babikezela ukuthi kungenzeka kube neqhwa ezindaweni eziphakeme zaseWestern Cape kusukela mhlaka-29 ku Septhemba , elizosakazekela eMpumalanga Kapa naKwaZulu-Natali mhlaka -30 kuSepthemba .
Ekhuluma esithangamini nabezindaba , uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe iRoad Incident Management Systems (RIMS) eholwa yiSouth African National Roads Agency Limited (SANRAL) izohlanganisa ithimba labo bonke abazobamba iqhaza kusetshenziswe ubuhlakani baphume namasu ancono okulawula isimo esizayo.
“I-Road Traffic Inspectorate yomnyango isungula isikhungo sesathelayithi phezu kwe-Van Reenen’s Pass ukuze kuqinisekiswe izinyathelo ezisheshayo nokuvalwa kwemigwaqo ukuze kuncishiswe abantu abavaleleke eqhweni,” kusho uNgqongqoshe.
Lesi sikhungo sesathelayithi sizoqala ukusebenza ngoMgqibelo mhlaka 28 Septhemba ntambama futhi sisebenze ngokushintshwa kwamahora angu-12.
“Kugxilwe ku-N3 phakathi kweHarrismith, Tugela Toll, R617 phakathi kweKokstad ne-Underberg, N2 Ingeli no-N3 Mooi River, neminye. Sifisa ukuveza ukuthi ithimba lizoba nesibopho sokuphelezela amaloli nezimoto ukuqinisekisa ukuthi asikho isiminyaminya emgwaqeni,
Kodwa-ke kunxuswa umphakathi nabashayeli ukuthi bahlele kabusha noma bahlehlise uhambo lwabo ngoba kulindelekile. Ukuvimbela kungcono kunokwelapha,” kuchaza uSiboniso Duma.
UDuma ulule wathi baxhumane nabakwaSAWS, babatshela ukuthi iKwaZulu-Natali izokhithika kusukela ngoMsombuluko kuze kube uLwesibili. Izindawo okulindeleke ukuthi zithinteke kubalwa iLadysmith, Underberg, Drakensberg kanjalo neGiant Castle, nezinye izindawo eziphakeme.
ISouth African National Taxi Council nezigungu zamabhasi, izinhlangano zamabhasi namaloli yibona ababambiqhaza ababalulekile njengoba kuqiniswa izindlela zethu zokuphepha emgwaqeni.Ngokunjalo nabo sexhunyenwe nabo ukuba baqaphele ukuhamba kulemigwaqo ebaluliwe ukuba