Bakhalelwe amasongo kaSgonyela abakhwabanisa izincwadi zokushayela

OWAMI THABETHE

Kuboshwe abantu abangu-33 ngecala lokukhwabanisa lokukhishwa kwezincwadi zokushayela eMelmoth Driving License Centre ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni.

UMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu uthe zihoxisiwe izimvume zabo bonke ababoshiwe.

Okhulumela uMnyango KwaZulu-Natali uNdabezinhle Sibiya ukuqinisekisile ukuthi abasolwa abangu-30 bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay.

USibiya uthe lo mshophi wumphumela wemizamo yoKlebe, iNPA kanye nophiko oluhlola iTraffic and Transport Inspection.

“Abantu abangu-30 bazovela eNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay kulandela ukuboshwa kwabo mayelana necala lokukhwabanisa lokukhishwa kwezincwadi zokushayela ngo-R2, 500,” kuchaza uSibiya

Lokhu kwenzeke eMelmoth Driving License Centre ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni. Ekuqaleni, uphiko oluhlola izimoto emnyangweni kanye nophiko loKlebe (hawks) abawu 9, abahloli ababili kanye nabafaka izicelo zamalayisensi abayishumi abahlomula. Isibalo selokhu senyuke safinyelela kumashumi amathathu (30).

“Umyalezo wethu uthi abashayeli bomgunyathi abenze izivivinyo zokushayela zomgunyathi bazosuswa emigwaqeni yethu, baboshwe, bavalelwe ejele. Lokhu sikwenza ngenhloso yokuqeda izigemegeme emigwaqeni yethu nokuhlenga nemiphefumulo engenacala,” kuphetha uSibiya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *