Kuloba u- Tyesha Pillay
Emlandweni wamanyuvesi ase Ningizimu Afrika izitshudeni izona ebezinezwi elizwakalayo ebelenza ukuthi kube nomhlahlandlela. Imibono yezitshudeni ehambisana neyamaqembu ezepolitiki ayigcinanga nje kuphela ngokwenza umhlahlandlela ngaphakathi emanyuvesi kodwa ikwazile ukuthi ibe inkombandlela ngisho kwipolitiki yezwe.
Kusukela ngezikhathi zombuso wobandlululo lapho izitshudeni zabe zihola khona imibhikisho yokulwisana nokucwaswa ngokwebala, kuze kube ngezikhathi zemibhikisho yombuthwano we-#FeesMustfall, lapho kwakuphikiswa khona inani eliphezulu lezindleko zemfundo , lezitshudeni zabonisa ngokusobala ukubaluleka kwazo ekulawuleni ipolitiki.
Njengoba iNingizimu Afrika ingena esikhathini sikaHulumeni wobambiswano (Government of National Unity) kuzoqhubeka ukubaluleka kwezwi lezitshudeni kuthathe indima entsha.
Njengoba uhlangothi lwezitshudeni luya ngokushintsha lulandela lendlela entsha yepolitiki, kuzobaluleka kakhulu ukuthi zikwazi ukuzibandakanya ngendlela ezokwenza kugqame iqhaza lazo kulesigaba. Lendlela entsha ayiqhamuki nje nezingqinamba ezininingi kanye namathuba kulohulumeni wokubumbano kodwa futhi iphinde ize namasu amasha, okulawula idlela entsha yokulolonga umkankaso wezitshudeni.
Inkudla yomabalazo kwikhempasi
Amaqembu ezepolitiki afana nawe-African National Congress (ANC), Economic Freedom Fighters (EFF), akanye nele- Democratic Alliance (DA) akuqonda kudala ukubaluleka kokuzibandakanya nentsha asungula izizinda zawo emakhempasini amanyuvesi ezweni lonke. Lezinhlangano zezitshudeni azigcini nje kuphela ngokunxenxa ukwesekwa kwezinhlangano zabazali bazo, kodwa futhi ziphinde zibe isizinda sokuqeqesha abaholi bezepolitiki bangomuso.
Nakuba lokhu kuyinto encomekayo futhi kukwazile ukuthuthukisa abaholi abasha, empeleni amanyuvesi athathwa njengezizinda zomzabalazo kanye nenkundla yokukhankasela ezepolitiki kuleminyaka.
Lolushintsho selwedlulele ngaphezu kokushayisana kwemibono yezitshudeni lwedlulela emzabalazweni okhungethwe ukugxambukela kwamaqembu ezepolitiki. Lokhu sekudale ukuthi inhloso ngqangi yepolitiki yezitshudeni – yokuthi zilwele amalungelo azo kanye nokwenziwa ngcono kwezemfundo – sekugxambukele izinhloso zamaqembu ezepolitiki ngoba efuna ukuthi kube iwona abusayo. Lokhu kwacaca kakhulu ngesikhathi sombhikisho we-#FeesMustFall movement.
Ngonyaka ka 2016 ithimba le ministerial elaliphenya ngezidubedube zaku khempasi yeNyuvesi yase Mahikeng, lathola ukuthi lezidubedube zazingahlangene nakancane nobuzwe noma ubukoloni njengoba abaholi bemibhikisho babesho, kodwa kunalokho lemibhikisho yayimayelana nokuzibandakanya nezinhlangothi ezabe zehlukene phakathi kwe-ANC esifundazweni njengoba kwakukhona ukulwela izikhundla kwi-Student Representative Council (SRC). Njengoba kwenzeka ngo-2020, ngesikhathi seCovid-19 iSRC yase University of Witwatersrand, yabe iphikisana nohlelo lokufunda online, lokhu ekwenza ngokulawulwa uphiko lwe-ANC oluhlagene ne South African Students Congress.
Womabili amaqembu e-ANC kanye ne-EFF asolwa ngokusebenzisa imibhikisho yezitshudeni ukuze athole intuba yokuzigaxa ezindabeni zemfundo ephakeme ukuze kuzuze wona lamaqembu ukufeza izinhloso zawo.
Lezizinsolo zakuveza ngokusobala ubukhona kobuhlobo phakathi kwamaqembu anamandla ezepolitiki kanye nabaholi bezitshudeni okugcina ngokuthi bathole umvuzo wokwethembeka ezinhlosweni zamaqembu epolitiki kunokuthi babhekelele izimfuno zabafundi.
Namanje kusabonakala imiphumela yalokhu. Imibhikisho yezitshudeni isalokhu iqhubeka emakhempasini ikhombisa ukungeneliseki mayelana nemithetho yezikhungo okuhlanganisa nokugxambukela kwepolitiki enoqhekeko. Kanti nemibhikisho yakamuva eyenzeka emanyuvesi athile ngezikhathi zokhetho lwe SRC nayo iyabonakalisa ngokucacile izingqinamba ezikhona. Lezinketho zikhombisa kakhulu uqhekeko kanye nokwehlukana phakathi kwezitshudeni, okuphinde kukhombise ukugxambukela kwepolitiki, kuphinde kubonise indlela okunzima ngakhona ukubhekana nezinhloso ezingafani kwikhempasi ngayodwa. Okungakho imibhikisho enodlame kanye nokugxambukela okuhambisana nezinketho kuyizinkomba zokuthi kunzima kakhulu ukuzuza ubunye kanye nokuphatha okufanele.
Ukuhlela kabusha lendlela entsha yepolitiki
Izigameko zepolitiki ezifundazweni zikhombisa isifundo esibalulekile: impumelelo yokubusa ngokubambisana ezingeni likazwelonke akuchazi ukuthi kuzoba nezivumelwano zokusebenzisana okuhle ezingeni lezifunda noma lomasipala. Isibonelo salokhu eGauteng iqembu le ANC nele DA akhombisa ukushayisana ngamakhanda mayelana nokubunjwa kukahulumeni wobambiswano ezingeni likahulumeni wesifundazwe (government of provincial unity) emva kokhetho lukazwelonke luka 2024. Lokhu kwehlukana kwezivumelwano zokubusa ngokubambisana phakathi kukahulumeni wasekhaya/ wesifundazwe kukhombisa ngokusobala ukuthi akulula usombulula izingqinamba ukuze kube nokubambisana okusezingeni elifanele kwezepolitiki. Ezingeni lezitshudeni lokhu kuveza ithuba kanye nezingqinamba.
Izingqinamba
Uma kulokhu kuqhubeka njalo ukugxambukela, abaholi bezitshudeni basengabhekana nengcindezi evela ngaphakathi nangaphandle. Ukuzama ukuxazulula lesisimo esihambisana nokwehlukana phakathi kwezepolitiki kanye nezinhloso ezishayisanayo, nakho kungagcina kuletha izinkinga ezifana ncamashi nalezo ezikhungethe ukusebezisana emadolobheni afana ne Johannesburg kanye neMandela Bay.
Ezimweni ezifana nalezi izinhloso zobuqembu zinga cindezela izidingo zenhlangano yezitshudeni. Lapho umuntu mumbe noma abantu abathile bebhozomela inhlangano. Ezimweni ezifana nalezi izitshudeni kanye nesikhungo ziphetha ngokuzithola zilimala ngokungenhloso. Ibalulekile inkululeko yesikhungo ukuze kuqhutshwe imfundo esimeni esikahle, okungenzeka iphazamiseke uma izinhloso zepolitiki kuyizo ezilawula izinqumo zesikhungo. Ekugcineni kungaphazamiseka inqubo yokuthola ulwazi, kanye nobuchwepheshe ngenxa yokugxambukela kwepolitiki
Amathuba
Nakuba zikhona lezingqinamba kodwa iGNU inikeza izitshudeni ithuba lokuthi zibe nezwi kwezepolitiki yanamuhla. Ukubusa ngokubambisana phakathi kwamaqembu ezepolitiki kunikeza ubuholi bezitshudeni ithuba lokuthi bukhulumisane nobuholi bezepolitiki ngobubanzi ukuze kuzuze izitshudeni. Ukubaluleka kobukhona kwe-GNU kudala isimo esihle sokuthi izitshudeni nazo zibe nezwi ukuze zicatshangelwe ezinhlelweni zokushaywa kwemithetho. Lezizingxoxo zisiza ubuholi bezitshudeni ukuthi zikwazi ukwakha ubuhlobo ukuze bazibandakanye ezingxoxweni zokushaywa kwemithetho, bakhuthaze nezingxoxo zoshintsho ezikhungweni zabo kanye nakwezinye izingxenye ngobubanzi.
Ngokwezitshudeni lokhu kusho isimo esikahle sokweseka imfundo, lapho kubonelelwa khona izimfuno zazo nalapho iqhaza lazo libalulekile khona. Ukubambisana okufuze lokhu kwenza ngcono ulwazi lwazo kwezemfundo kuphinde kwenze izitshudeni ukuthi zilungele ukuba zibambe iqhaza emphakathi ngokwezinhlaka ezahlukene kanye nakupolitiki.
Isiphetho
Ukuqonda ukuthi izingqinamba aziwona umgoqo kanye nokubona amathuba adalwe umbuso wobambiswano ezingeni likazwelonke kuzobaluleka kakhulu ukuze lizwakale kangcono izwi lezitshudeni. Isimo esehlukene kaningi sokusebenza kwe GNU sidinga izitshudeni ukuthi zikwazi ukuzibandakanya ngendlela enobuchwepheshe kanye nobuhlakani ukuze zikwazi ukuqinisa amandla azo. Ukwamukela ukusebenzisana kanye nokubamba izingxoxo ezivulelekile nobuholi obehlukene bezepolitiki, izwi lezitshudeni lingadlala indima ebalulekile ekuqondiseni imithetho emayelana nezidingo kanye nezifiso zezinhlangano zabafundi