Qaphela ungahambi nabangane abangakwazi ukukukhuza

Obhalayo ngumfundisi Katlego Nare

Ngiyabingelela sizwe sakithi . Ngicela ukunibonisa naku ukuhlakanipha kokwazi umngane olungile . Umngane olungile ubonakala ngalezinto ezintathu engizozibala lana . Ukuhlonipha izinqumo zomngane wakhe ameseke kuzo , ukuma nomngane wakhe nasebunzimeni angahlehli nokubonisa noma amkhuze lapho anempazamo khona .

Umngane ongenaso isibindi sokukukhuza mawenza okubi kodwa akweseke ebubini obenzayo akayena umngane woqotho . Umngane oqotho uma uxabene nelunga lomndeni wakho mhlawumbe usuduba umndeni uzombona ngokuthi akukhuze kulokho akubonise ukuthi usazowudinga umndeni wakho . Umngane oqotho noma ekuthola ulwa nabantu angalalela udaba ukuthi nixatshaniswe yini uma kunguwena obenephutha uyolamula kodwa ngasese akwazise akubonise iphutha lakho .

Umngane oqotho akasoze akuvumele uzikhohlisa ngokwakho ngoba ukuzikhohlisa kugcinisa umuntu ebunzimeni . Qaphela ungahambi nabangane abangakwazi ukukukhuza noma abesaba ukukukhuza ngoba uyozithola useweni . 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *