Sekuvalwe ezinye izinkampani ezingu 8 ezihwebelana noMasipala weTheku

Esithombeni: IMenenja yeTheku uMusa Mbhele umemezele uhlu lwezinkampani ezivinjelwe ukwenza ibhizinisi nedolobha.

OWAMI THABETHE

UMasipala weTheku usuvale ezinye izinkampani ezingu-8 ezihweba nawo, nokwenza isibalo sezinkampani ezivinjelwe ukwenza umsebenzi weDolobha sibe ngu-32.

IMenenja yeTheku uMnuz Musa Mbhele ithe lezi zinkampani zivaliwe ngenxa yezinsolo zokuthi ziyathinteka enkohlakalweni, ekungenzini kahle nasekukhipheni amathenda ngasese. Uthe abanye babo kutholakale ukuthi banabaqondisi abaqashwe wuhulumeni.

Lezi zinkampani ezingu-32 zivinjelwe ukuthi zifake izicelo zamathenda aleli dolobha iminyaka emihlanu. Izinkampani bezibhalwe ku database kaMasipala.

“UMasipala ulandela inqubo enzima kakhulu yokuvinjwa kwezinkampani ezihlinzeka ngemisebenzi ngokomgomo futhi isinqumo asithathwa kalula,” kusho uMbhele.

UMbhele uthe uma sekutholakele izinto ezisolisayo, izinkampani ezisolwayo zizobikelwa ikomiti elibafaka ohlwini lwabakhwabanisi ngenhloso yokuzikhipha ohlwini bese libanika izinsuku ezingu-20 zokuzivikela.

“Lokhu kuthatha uhlobo lohlelo lwesicelo senkantolo, futhi lapho kunesidingo, kuzovumeleka ukulalelwa kobufakazi kulaba abathintekayo.IKomidi Lokuhlunga lisebenzisa amandla alo ngokufanelekile ekugunyazweni kodaba futhi linquma ngomphumela zingakapheli izinsuku ezinhlanu, ngemva kwalokho kuthunyelwa umyalelo kuzo zonke izinhlangothi ezithintekayo.Lolu hlelo luyinhloso futhi lulandela ngokuqinile iNqubomgomo YokuPhathwa Kwama-Supply Chain,” kusho uMbhele.

IDolobha lizophinde likhulume noMgcinimafa Kazwelonke ukuthi likhiphe izinkampani ezithintekayo ohlwini lwedatha, okuzozivimbela ukuba zithole umsebenzi komunye umasipala noma umnyango kahulumeni.

UMbhele uthe lesi yisixwayiso kubo bonke abahlinzeki bezinsiza abanezinkontileka ngumasipala ukuthi baqinisekise ukuthi bahambisana nezinkontileka, inqubomgomo kanye nomthetho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *