OWAMI THABETHE
INational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isivule ngokusemthethweni uhlelo lokufaka izicelo zonyaka ka-2025.
UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha, uDkt Nobuhle Nkabane, wethule ukuvulwa kohlelo lokufaka izicelo ngesikhathi kuqhubeka isithangami nabezindaba ePitoli ngomhlaka 20 Septhemba.
Izicelo sezivuliwe futhi zizovalwa mhla ziyi-15 kuDisemba 2024.
UNkabane uthe selokhu yasungulwa, i-NSFAS isixhase abahlomuli abangaphezu 5 Million , ikhiqize zabasebenzi abangu 100 000 abanamakhono, ikakhulukazi abavela ezindaweni ezimpofu nezingabasebenzi.
Kulo nyaka uwodwa lolu hlelo lweseka abafundi ababalelwa ku 1.2 million, kanti isibalo okulindeleke ukuthi sikhule ngo-2025.
Abafakizicelo kufanele bavakashele iwebsite ye-NSFAS ethi www.nsfas.org.za noma my.nsfas.org.za, besebenzisa umakhalekhukhwini, ithebhulethi noma ikhompuyutha futhi balandele izinyathelo ezibhaliwe.
Enza i-akhawunti ye-myNSFAS, bese uchofoza kuthebhu ethi ‘Apply ’ bese ugcwalisa ifomu eliku-inthanethi, ufake amadokhumenti adingekayo lapho kufanele khona bese uchofoza okuthi ‘send’.
Ukuze ufanelekele uxhaso lwe-NSFAS, umfakisicelo kufanele ahlangabezane nalezi zindlela ezilandelayo:
• Ube yisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umhlali ngokugcwele ophuma ekhaya elineholo lomndeni elihlangene elingeqi ku-R350 000 ngonyaka.
• Abantu abakhubazekile bayafaneleka uma iholo labo lomndeni lihlangene lingeqi ku-R600 000 ngonyaka.
• Abamukeli be-SASSA bafaneleka ngokuzenzakalelayo ukuthola uxhaso futhi abadingi ukuhambisa noma ibuphi ubufakazi beholo.
I-NSFAS Loan Scheme for the missing middle ivulekele zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika kanye nezakhamuzi ezihlala unomphela ezivela emakhaya aneholo elihlangene eliphakathi kuka-R350 000 no-R600 000 ngonyaka.
Ukuthola uhlu lweziqu ezifakwe ku-NSFAS Loan Scheme for the missing middle, abafakizicelo kufanele bavakashele ku-www.nsfas.org.za.
Abafake izicelo bayakhunjuzwa ukuthi banikeze izinombolo zikamazisi (ID) ezifanele, igama(amagama), nesibongo, njengoba zivezwe kumazisi wabo waseNingizimu Afrika.
I-NSFAS ixhasa kuphela abantu abafunda noma abahlose ukufunda enyuvesi yomphakathi noma ekolishi le-TVET eNingizimu Afrika.
UNkabane unxuse bonke abafundi abafisa ukufunda kunoma yimaphi amanyuvesi kahulumeni nasemakolishini amaTVET ukuthi bafake izicelo kusenesikhathi bangalindi kuze kube wusuku lokugcina.
“Abafundi akumele balinde imiphumela ka-matric ukuze bafake izicelo zeNSFAS. Faka isicelo manje futhi ugweme ukubambezeleka ekucutshungulweni kwesicelo sakho!” Kusho uNgqongqoshe.
Uthe i-NSFAS izoqhubeka nokuba nohlelo lokufinyelela kuzo zonke izifundazwe, igxile emiphakathini yasemakhaya nasemalokishini