UMasipala weTheku seqalile ukucima izikweletu zemizi yabashonayo.

OWAMI THABETHE

UMasipala weTheku usuqalile ngohlelo lokucisha isikweletu sempahla yasebeshonile.

Ngenyanga edlule, umkhandlu weTheku uthathe isinqumo sokucisha isikweletu sezakhiwo esifika ku-R1 million. Uma umkhandlu sewusitholile isicelo, sihambisana nezincwadi ezisekelayo khona zonke izidingo zizonakekeleka , sizosetshenzwa zingakapheli izinsuku eziyi-10 zokusebenza.

Amakhasimende afanelekayo azosizwa kuzo zonke izikhungo zakaSizakala futhi kufanele ahlangabezane nalezi zindlela ezilandelayo:Impahla kumele ifinyelele inani lika-R1 million futhi leyo mpahla kumele ibe ngaphansi kwamandla kaMasipala weTheku, indawo kufanele kube ngekamufi yedwa kanye no mfakisicelo kumele abe isakhamuzi saseNingizimu Afrika.

Imibhalo edingekayo uma ufaka isicelo kuMasipala ihlanganisa umazisi womfakisicelo ,isitifiketi sokushona sikamufi ongumnini wendlu ,incwadi yegunya evela kuMphathi Wenkantolo Ephakeme noma i-afidavithi evela eMnyangweni Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, ubufakazi bekheli noma incwadi evela ekhanseleni lendawo ohlala kuyo kanye nezinombolo zokuxhumana ezisebenzayo, isitatimende sase bhange kanye nobufakazi bemali engenayo.

IMeya uXaba ichaze lesi sinyathelo njengesibaluleke kakhulu ohlelweni lokungenisa imali yedolobha kanye nokusiza abahlomula ezindaweni zabangasekho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *