OWAMI THABETHE
UNdunakulu waKwaZulu-Natali, uMnuz Thami Ntuli, usamile kwelokuthi uyawuchitha umgomo wokuvala iminyango kahulumeni ukuqasha abantu abaneminyaka engaphezu kuka-35.
Isenzo sikaNtuli sikhuthaza iRise Mzansi, iSave SA kanye nezinye izinhlaka zomphakathi ezweni lonke, okuhlanganisa noNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi, ukuthi bayichithile le nqubomgomo.
Ngesikhathi ehambele e-Edendale eMgungundlovu ngomhlaka 10 Septhemba eyolungisa udaba lobugebengu, uNtuli uthe ukugcina ukuqasha eminyakenu engu-35 ubudala ngeke isasebenza kuhulumeni wakhe.
“Mina ngithi indaba yokucwaswa kwabantu abaneminyaka engaphezu kuka-35 uma sekuqashwa ayisasebenzi KwaZulu-Natali. Uma kukhona onalowo mgomo kumele awubuyekeze,” kusho uNtuli.
Uthe abantu abaneminyaka engu-40 abakulungele ukuthola isibonelelo sikahulumeni sabadala.
“Ufuna enzeni lowo muntu? Uyafuna labo bantu baphile ngaphandle kobugebengu njengoba ungeke ubaqashe? kumele sizibheke ezinye izimbangela ezithuma abantu ebugebengwini,” kwenaba uNtuli.
UNtuli uthe udaba seluxoxiwe kwikhabhinethi yakhe kwavunyelwana ngokuthi abasenawo umgomo bawuqede nya.
Bekungacaci ukuthi inqubomgomo yasungulwa nini kanye nenhloso yayo, kodwa iyaphambana noMthetho Wokulingana Kwezokuqashwa.
UNdunankulu uchaze lo mgomo njengonobandlululo kusukela ngezikhathi zobandlululo lapho izingane ezimhlophe zaziqeda isikole bese ziphothula enyuvesi zisencane ngenxa yezinga lemfundo yazo.
Uthe ngaphansi kukahulumeni okhona lo mgomo weminyaka yobudala usasetshenziswa wuhulumeni uma kuqashwa emikhakheni ethile njengamaphoyisa, amasosha kanye nezempilo.
“Uma ubheka umnyango wezemfundo noma amaphoyisa amafomu okufaka izicelo abhekiswe kubantu abaneminyaka engaphezu kuka-35. Kuyasebenza nasezinkampanini ezizimele nakuba bengeke bayicacise iminyaka, kodwa bangathi bebefuna abantu abasha,” kuqhuba uNtuli.
Uthe lo mgomo unomthelela ebugebengwini obubandakanya abantu abangaqashiwe.
“Uneminyaka engu-40, awusebenzi yize ufundile. Yini enye ongayenza? Kunomthelela ebugebengwini ngoba uma ukhuluma ngobugebengu awugcini nje ngokukhuluma ngokubamba inkunzi ibhange noma ukugqekeza. Kunobugebengu obusezingeni eliphezulu lapho abantu begcina bengene ebugebengwini obunobuhlakani ongakaze ububone ngoba befundile kodwa bengaqashiwe,” kuphetha uNdunankulu.