isexwayiso: QAPHELA Abakhwabanisi abasebenzisa izingcingo ukuqola

IBHANGE, ISTANDARD BANK lixwayisa umphakathi ngomkhonyovu omusha oqondiswe kumakhasimende asezothatha umhlalaphansi. UStandard Bank uthi liyanda inani lamakhasimende akhononda ngokufonelwa abakhwanisi abezenza izikhulu zentela noma abasebenzi bamabhange nezinkampanini zokutshala izimali. Lezigameko sezithinte amakhasimende amabhange ahlukahlukene eNingizimu Afrika.

Ngakho-ke uStandard Bank usutshale kubuchwepheshe obusha ukuze uxwayise uphinde uvikele amakhasimende asengozini.

Ukukhwabanisa okuqola amakhasimende amabhange kulokhu kukhula eNingizimu Afrika. Imininingwane evela esikhungweni esiqaphe izigameko zokukhwabanisa, i-South African Banking Risk Information Centre (Sabric), ikhombisa ukuthi izigameko lapho izelelezi zisebenzisa izingcingo, phecelezi i-vishing, isidlange kakhulu. Lomkhonyovu usungumsusa omkhulu wezikhalo ezivela kumakhasimende aqoliwe muva nje.

Eminyakeni edlule, izelelesi zazeba imininingwane yabantu ngokuthumela imiqhafazo ezingcingweni nakuma-imeyili. Manje sezisebenzisa izisulu ezenza abantu badalule imininingwane yabo yasebhange nolunye ulwazi olubucayi njengezinombolo ze-ID nama phinikhodi ocingweni.

Nansi indlela osebenza ngawo lomkhonyovu

Abakhwabanisi baphokophelele kakhulu ukuqola abantu abadala asebezothatha umhlalaphansi noma abasanda kuthola izizumbulu zemali. Babakhohlisa ngokuthi banamathuba okutshala izimali anenzuzo engaphezulu kwejwayelekile. Babe sebenxenxa amakhasimende amabhange ukuba akhiphe imali ebhange ayifake kuma-akhawunti abo. Kwelinye iqhinga, labakhwabanisi bethusa amakhasimende ngokuqamba amanga bathi ama-akhawunti abo asengozini. Babe sabenxusa lamakhasimende ukuba athuthele imali kwenye i-akhawunti ‘ephephile’. Kodwa konke lokhu kusuke kunguhubhu lukabhejane.

UDokotela Belinda Rathogwa, oyinhloko yeDigital and E-commerce eStandard Bank, ukhuthaza wonke umuntu ukuthi ahlale eqaphile ukuze angazitholi eseyisisulu. “Ibhange alisoze lafona likucele ukuthi ufake imali yakho kwi-akhawunti ongayazi. Uma uzotshala imali oyisebenze kanzima, qinisekisa ukuthi uyayazi yonke imininingwane yenkampani ozosebenzisana nayo. Bheka ukuthi babhalisiwe yini kumlawuli wamabhange nokutshalwa kwezimali, i-Financial Services Conduct Authority (FSCA),” kusho uRathogwa.

Ube esenezelela ethi: “Lamaqola akhuthaza abantu ukuthi bangayithu vu lento kumabhange noma emindenini yabo. Lokhu kwenza kube nzima ukubamba lomkhonyovu kusenesikhathi. Yingakho abantu abaningi bengakwazi ukubuyewla izimali uma amabhange namaphoyisa esephenya.”

UDokotela Rathogwa uthi abakhwabanisi sebesebenzisa lamaqhinga ngoba amabhange asetshale ubuchwepheshe obuningi ukuvikela amakhasimende awo. Ngakho-ke lena sekuyiyo indlela entsha yokukhohlisa abantu. 

Ukulwisana nalamaqhinga, u-Standard Bank ufake ubuchwepheshe obusha kwi-Mobile Banking App yayo. Lobuchwepheshe buqwashisa amakhasimende uma kungena ucingo olusolisayo. Amakhasimende anxuswa ukuba agunyaze lobuchwepheshe kwi-Mobile Banking App ukuze ibhange likwazi ukuwaxwayisa uma kungena ucingo olusolisayo.

“Imininingwane esinayo itshengisa ukuthi liyenyuka inani lamakhasimende asekhulile asebenzisa i-Mobile Banking App yethu. Yingakho sikholwa ukuthi uma sengeza ubuchwepheshe bokuphepha singadlala indima enkulu ekuvikeleni amakhasimende ethu,” kusho uRathogwa.

Zivikele ekukhwabaniseni ngokuthatha lezinyathelo:

  • Qaphela izingcingo, imiqhafazo nama-imeyili ongawalindele afuna imininingwane yakho.
  • Uma uthola ucingo kumuntu othi uvela emnyangweni wokukhwabanisa webhange lakho, khumbula ukuthi ibhange alisoze likucele ukuthi udalule imininingwane yakho ocingweni. Uma ingxoxo izwakala isolisa, vala ucingo bese ushayela umnyango womgunyathi ebhange lakho.
  • Ungalokothi udalule iphinikhodi (PIN) ne One-Time-Pin (OTP) kunanoma ubani. Ibhange lakho angeke likucele imininingwane efana nama-phinikhodi, OTP, neminye amininingwane ebucayi ocingweni.
  • Gwema ukuxhuma umakhala ekhukhwini noma ikhompiyutha yakho kumanethiwekhi omphakathi (public WiFi) ufuna ukwenza izinto zebhange. Amakhasimende ase-Standard Bank angasebenzisa i-Mobile Banking App ngisho engenayo idatha kamakhalekhukhwini.
  • Sebenzisa izigxivizo zeminwe noma ubuchwepheshe obuhlaziya ubuso kumakhalekhukhwini wakho ukuze unqande imizamo yokungena kwi-Mobile Banking App yakho ngokungemvume.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *