Isitha esikhulu esinobungozi umqodo wakho uqobo

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare

Sanbonani bantu bakithi . Anginiphe naku ukuhlakanipha. Sizwe sakithi isitha somuntu esinobungozi kuvamile ukuba umqondo wakhe. Qaphela ungaxhashazwa ngumqondo wakho. Ezikhathini eziningi silinyazwa yimiphumela yokucabanga kwethu nezinqumo esizithathayo. Nabantu abangezona izitha siyabaphendula izitha ngenxa yendlela esisuke sibonangayo. Kuyenzeka umuntu ezama ukukubonisa la unempazamo khona wena umphendule isitha .

Kuyenzeka umuntu akwenze kabi kanti ubuyisela into obuyenze kuyena unganakile uma isibuya kuwe uqale ukuzwela ubuhlungu bese umphendula isitha kanti zinduku ezibuyela emuva lazisuke khona. Ukumenza isitha kuyokwenza ungaziqondisi ezakho izigwegwe bese uyophinde ukwenze kwabanye uhlale ushaywa yinto eyodwa uze uthi unesinyama kanti cha isitha esikhulu esinobungozi ngumqondo wakho .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *