ITheku lizoqala uhlelo lokunciphisa  amanzi emasontweni azayo ngenhloso yokuwonga

Esithombeni: IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba

OWAMI THABETHE

UMasipala weTheku uzoqala uhlelo lokuncishiswa kwamanzi ngesonto elizayo ukuze uqinisekise ukusatshalaliswa kwamanzi ngokulinganayo kuzo zonke izakhamuzi.

Lokhu kushiwo yiMeya uMnuz Cyril Xaba emhlanganweni womkhandlu obungo mhlaka 30 September.

Isimemezelo sakhe besihambisana nomyalelo woMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle koMngeni-uThukela Water wokuthi kunqandwe ukuphakelwa kwamanzi okungagunyaziwe eThekwini.

Embikweni wayo emkhandlwini, iMeya ithe njengoba isicelo seTheku soMnyango sokuthi  banwebe indawo yamanzi yaseMngeni-uThukela Water senqatshiwe, inkampani yamanzi izokwehlisa amanzi ayo ngo-8.4%.

Inkampani yamanzi ibilokhu iphakela iTheku ngokungagunyaziwe ngama-megalitha ayi-1406 ngosuku, esikhundleni samamegalitha ayi-1287 agunyaziwe. Lokhu kwakusho ukuthi iTheku lalihlinzekwa ngokudlulele ngamamegalitha ayi-118 ngosuku.

UXaba usole ukusetshenziswa kakhulu kwamanzi emadolobheni, ukuguga kwengqalasizinda, ukuvuza nokuxhuma ngokungemthetho.

Ngenxa yalesi sizathu, uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ubeke ukuncishiswa kwamanzi ohlelweni oluzoqala ukusebenza ngomhlaka 10 Okthoba  2024.

Ukuze kubhekwane nokulahleka kwamanzi , iMeya ithe iDolobha lizoqala ukukala amamitha okumele asetshenziswe ngosuku futhi kuzoqala ukulungisa ukuvuza nokuqhuma kwamapayipi  futhi unqamule konke ukuxhumana okungekho emthethweni.

IMeya inxuse abahlali ukuthi basebenzisane nabo ukonga amanzi, hhayi okwamanje kuphela kodwa nasezizukulwaneni ezizayo.

“Sifuna ukuveza ukuthi senze konke okusemandleni ethu ukunqanda lesi simo ngokubhalela uMnyango sicela ukuthi kuhlehliswe ukuncishiswa kwawo ngesikhathi sisasebenza izindlela zokonga amanzi okuhlanganisa namanzi angangenisi.Kodwa-ke, sisesigabeni lapho inhloso enkulu kuwukunqanda isimo lapho amanzi ephela khona emthonjeni.” kuchaza uXaba

INhloko yoMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, u-Ednick Msweli, ophinde abe yiPhini leMenenja yeDolobha, unxuse ukuthi kwehle umoya, wathi asikho isidingo sokwethuka ngoba ukuncishiswa kwamanzi ngo-8.4% kuzokwenziwa kancane kancane unyaka wonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *