OWAMI THABETHE
UMasipala weTheku, ngokubambisana ne-C40 Cities Network, usingathe inkomfa yokucobelelana ngolwazi yezinsuku ezintathu lokuguqula ukulawulwa kwemfucuza emadolobheni.
Lenkomfa ibibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, obumayelana nosizo lwezobuchwepheshe olunikezwa amadolobha ase-Afrika kanye nase India mayelana nokuguqula izinhlelo zokulawulwa kwemfucuza yi-C40 Cities Network.
- workshop inikeza ithuba kwizethameli ebezivela emadolobheni ase-Afrika naseNdiya ukuthi bacobelelane ngolwazi kanye nesipiliyoni, bahlonze amathuba okubambisana, babonise amasu amahle okulawulwa kwemfucuza , baxoxisane ngezithiyo zokuqaliswa kwephrojekthi namasu, futhi balethe ubuchwepheshe bangaphandle ukuletha ukwakhiwa kwamandla ezindaweni ezibalulekile zokulawulwa kwemfucuza.
IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba ekhuluma ngesikhathi evula umcimbi,ugcizelele ukuthi izinselelo zokulawulwa kwemfucuza zijwayelekile emazweni asathuthuka ngenxa yokushesha kokufudukela emadolobheni.
“Yize siqinisekisa ukuthi siyazigcina izibopho zethu zokulethwa kwezidingongqangi njengohulumeni wasekhaya, siyacelwa ukuthi sakhe amasu azothuthukisa izinhlelo ezizimele neziqhubekayo emazingeni aphansi.”
IMeya uXaba ithe enye yezindlela zokuthuthukisa amakhono ibandakanya ukuhlomisa amalungu omphakathi ukuthi abambe iqhaza ngokugcwele ekulawuleni udoti ezindaweni ezihlala kuzo.
Uphethe ngokuthi kuzodinga ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kwamazwe asenyakatho naseningizimu ukuze kuhlonyiswe amazwe asathuthuka ukuze ukubhekwane nomthelela omubi wemfucuza engalawuleki kanye nokwenza ngcono izinhlelo zabo zokugaywa kwayo kabusha.