Sekuphinde kwadutshulwa abasolwa ngezenzo zobugebengu KwaZulu-Natali

OWAMI THABETHE

Amaphoyisa KwaZulu-Natali asethele phansi abasolwa abathathu abebefunelwa uxhaxha lwamacala okuqola nokubulala esifundeni saseThekwini, labasolwa badutshulwe babulawa ezigamekweni ezimbili ezehlukene zokudubulana namaphoyisa  ngoLwesithathu womhlaka 02 Okthoba ntambama nangakusasa ekuseni.

Amaphoyisa alandele umkhondo mayelana nokuthi ukuphi umsolwa obefunelwa amacala okungenani amane okukhwabanisa namanye amane okubulala okusolakala ukuthi uwenzile endaweni yaKwaNdengezi naseMariannhill.

Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini  oseNanda umsolwa uvele wadubula ebhekise emaphoyiseni kwathi ngesikhathi edubula umsolwa wadutshulwa walimala kabi. Utholwe nesibhamu i-7.65 nezinhlamvu ezine.

Kwesinye isigameko sangomhlaka 03 Okthoba ngoLwesine, amaphoyisa  avundulule lapho bekucashe khona abasolwa ababili, abebefunelwa amacala okuqola nokubulala.

Abasolwa bavalwe ekhoneni emijondolo yase-Edabe, eTshelimnyama, eMariannhill, abasolwa badubula amaphoyisa bengaphakathi endlini.

Ezivikela, amaphoyisa aphendule ngezulu lezandla  kwathi ngesikhathi sokudubulana kwadutshulwa abasolwa ababili balimala kabi. Batholakale nezibhamu ezimbili.

Zonke izibhamu ezitholiwe zizoyiswa kohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azixhumene yini nezinye izigcawu zobugebengu.

Abasolwa abathathu abashonile bebexhumene nabasolwa abayisithupha, abadutshulwa balimala kabi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa endaweni yokulala eSouth Beach, eThekwini, ekuqaleni kukaSepthemba 2024.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *