SHEILA MHLONGO
UNdunankulu wakwaZulu-Natal uMnu Thamsanqa Arthur Ntuli umema intsha engosomabhizinisi ukuthi ifake izicelo zoxhaso Iwezamabhizinisi kulesisigaba sesine soxhaso.
Lesisikhwama siqonde ukuthi sihlinzeke intsha efisa ukusungula noma ikhulise amabhinisi ayo kwimikhakha ethuthukisa umnotho, kwezobuxhakaxhaka. Ithuba lesine livuliwe ukuthi intsha ifake izicelo zoxhasho kulesisikhwama kusukela ngomhlaka 1 Okthoba kuze kube mhlaka 1 Novemba 2024.
Kulabo abafisa ukuthola amafomu nemininingwane yokufaka izicelo, bayanxuswa ukuba bathintane noMasipala beZifunda nabasemakhaya angakubo, nasezinkundleni zokuxhumana zikaHulumeni wakwaZulu-Natal ku-www.kznonline.gov.za. Izicelo zingabuyiselwa kuwo amahhovisi ka Masipala oseduze nawe.
Amafomu athunyelwe nge email awavumelekile.
Abantu abasha bangaphinde bathintane noPhiko IweNtsha eHhovisi likaNdunankulu. Bangasebenzisa lendlela yokuxhumana: kznyouthfund@kznpremier.gov.za okanye www.kznonline.gov.za. Kuyoxhunywana kuphela nalabo izicelo zabo ezisohlwini lwabahlungiwe.
Abantu abasha bayanxuswa ukuthi bathumele lamaphepha adingakalayo uma beyofaka izicelo. Isicelo sebhizinisi elidinga (R20 000 kuya R50 000) kudingeka amaphepha okubhaliswa kwebhizinisi, incwadi eqinisekisa ikheli, kanye neplani yebhizinisi.
Kanti labo abafisa ukufaka izicelo zoxhaso lokukhulisa ibhizinisi elisebenzayo uma bedinga kusukela ku R50 000 kuya R2 000 000, bona kumele bathumele amaphepa okubhaliswa kwebhizinisi; incwadi eqinsekisa ikheli, isitifiketi sentela, imininingwane esemabhukwini ezimali yebhizinisi.
Abavumelekile ukufaka izicelo labo asebake bathola usizo lukahulumeni eminyakeni emithathu edlule. Abahweba ngamabhizinisi ogwayi, utshwala namabhizini angekho emthethweni Awavumelekile amafomu athunyelwe nge email.
Ungashayela kulezizinombolo ezilandelayo uma unemibuzo:
Ihhovisi likaNdunankulu: 087 743 8684, 087 131 0345 or 087 131 0353.
Email: kznyouthfund@kznpremier.gov.za
KZN