OWAMI THABETHE
UMlazi Comtech High School ube nomkhankaso obalulekile wokuhlolelwa umdlavuza ohlasela abantu besilisa owaziwa nge- iProstate cancer ngempelasonto, ukufundisa abantu ngeNyanga yokuqwashisa ngomdlavuza, ngezinto eziyingozi kanye nokubaluleka kokusheshe uhlole.
Lo mcimbi obuhlelwe nguDumisani Pakkies owahlaselwa wumdlavuza, bekuhloswe ngawo ukufundisa umphakathi.
UPakkies ugcizelele indima ebalulekile yokutholwa kusenesikhathi ekwelashweni umdlavuza futhi ukhuthaza nokuhlola .
Abebehambele lo mcimbi bathole ukuhlolwa ngodokotela abangongoti , uDkt Sifiso Msibi, nodokotela wezifo ezithinta umdlavuza, uDkt Lukhanyo Cingwane, abazibophezele ngokwelashwa okuqhubekayo kulabo abanemiphumela ephakamisa ukukhathazeka.
UPakkies uphinde wathi kube nomzuzu obuhlungu kulo mcimbi lapho uNelly Mdlalose elandisa ngokwenzeka kokulahlekelwa umyeni wakhe, uBheki Mdlalose, ngenxa yalomdlavuza ngo-2016.
UMdlalose wadlula emhlabeni ngenkathi ebanjwe umdlavuza kanti waphuza ukutholakala nokwelashwa.
“Kube nzima kimina nasezinganeni njengoba sisanda kuqala ukuhambela ukwelashwa kulo nyaka.
Ukuba yingxenye yalo mcimbi kunginika induduzo ngenxa yeqhaza engilibambayo ekuqwashiseni abantu,” kusho uNelly.
USthembiso Cele oneminyaka engu-64, ugqugquzele ukuthi kube nokuxhumana okubanzi ngemithombo yezindaba kanye nolwazi mayelana nalomdlavuza ukuze kuliwe nokwesaba emphakathini. UCele uthe esikhathini esiningi umphakathi uyasesaba lesi sifo futhi unovalo lokuthi ngeke silapheke. Wengeza ngokuthi ukunakekela isiguli esinomdlavuza kunzima njengoba iningi labanakekeli lintula ulwazi ngendlela yokusingatha lesi simo.
Uthe usehlola okwesibili wathi imicimbi yokuhlola ibalulekile emphakathini ongase ungakwazi ukuzihlola.
UDumisani uthe imikhankaso enjengalena isazoqhubeka kulenyanga njengoba kuyinyanga yokuqwashisa ngesifo somdlavuza.