OWAMI THABETHE
Ezinsukwini ezimbalwa nje ngemuva kokuqoqwa kwabantu abangenamakhaya enkabeni yeTheku, abantu abangaphezu kuka-200 sebebuyele ezindaweni zabo zokukhosela futhi eduze kwase-Albert Park.
Lo mkhankaso obizwa nge-Operation Khuculula, ubuholwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokubambisana neSAPS, amaphoyisa kaMasipala kanye noMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, kanti kuhloswe ngawo ukususa abantu abangenamakhaya ngenhloso yokukhuculula idolobha ukuze lihlanzeke ngesikhathi samaholide.
Kodwa-ke konke lokhu kuphenduke ize njengoba kuvela ukuth imizamo yabo ayiphumelelanga. Kayivelanga imbangela yokuba laba babuyele emgwaqeni.
Ikhansela lewadi uMnuz Mzokuthoba Mngonyama lithe nakuba labantu bebuyele emigwaqeni
bazoqhubeka nokulwa nobugebengu eThekwini – futhi basebenzise izindlela zokunqanda ukuswelakala kwezindlu ezizobagcina.
“Ukungabi nakhaya kuyinkinga enkulu futhi ebucayi. Sizoqhubeka nokulwa nalolu daba futhi siqinisekise ukuthi ubugebengu bunqandwa ngokuphelele edolobheni lethu,” kusho uMngonyama.