Abangenamakhaya abekade beqoqwe ngu hulumeni emigwaqeni sebebuyele khona futhi

Abantu abangenamakhaya e-Albert Park ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso owawuholwa nguNdunankulu uThamsanqa Ntuli.

OWAMI THABETHE

Ezinsukwini ezimbalwa nje ngemuva kokuqoqwa  kwabantu abangenamakhaya enkabeni yeTheku, abantu abangaphezu kuka-200 sebebuyele ezindaweni zabo zokukhosela futhi eduze kwase-Albert Park.

Lo mkhankaso obizwa nge-Operation Khuculula, ubuholwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngokubambisana neSAPS, amaphoyisa kaMasipala kanye noMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, kanti kuhloswe ngawo ukususa abantu abangenamakhaya ngenhloso yokukhuculula idolobha ukuze lihlanzeke  ngesikhathi samaholide.

Kodwa-ke konke lokhu kuphenduke ize njengoba kuvela ukuth imizamo yabo ayiphumelelanga. Kayivelanga imbangela yokuba laba babuyele emgwaqeni.

Ikhansela lewadi uMnuz Mzokuthoba Mngonyama lithe nakuba labantu bebuyele emigwaqeni

 bazoqhubeka nokulwa nobugebengu eThekwini – futhi basebenzise izindlela zokunqanda ukuswelakala kwezindlu ezizobagcina.

“Ukungabi nakhaya kuyinkinga enkulu futhi ebucayi. Sizoqhubeka nokulwa nalolu daba futhi siqinisekise ukuthi ubugebengu bunqandwa ngokuphelele edolobheni lethu,” kusho uMngonyama.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *