Ibafana  idinga amaphuzu amabili kuphela ukuze ingene ku AFCON 2025

SBU MAMBA

Iqembu lesizwe iBafa

na Bafana lisalewe imidlalo embili ku Group K , idinga amaphuzu amabili nje kuphela ukuze izibekele indawo kumqhudelwano we AFCON  2025 ozobanjelwa eMorocco , kodwa umqeqeshi weBafana uHugo Broos uthe uwafuna onke laphuzu kulemidlalo ebasalele , iNingizimu Africa isalelwe umdlalo we South Sudan ne Uganda  ,uma inqoba lemidlalo emibili izoba namaphuzu ayisithupha.

IBafana idlala ibhola elinenkosi phakathi ihleli endaweni yesibili ku Group K inamaphuzu ayisishiyagalombili kanti esicongweni kune Uganda enamaphuzu ayishumi , endaweni yesithathu kuhleli iCongo Brazzaville inamaphuzu amane kuphela kanti emsileni kumbulwa kuyembeswa kuhleli i-South Sudan ayinalo nelilodwa iphuzu ,igingqa inguzunga yeqanda.

Amaqembu asethubeni elihle lokungena ku AFCON 2025 i-Uganda ne South Africa . Ngaphasi komqeqeshi uBross iBafana idlala kahle kakhulu kusukela kunozinti , izitobha , esiswini namafolosi abalibheki futhi ipali . Umdlalo wabo neSouth Sudan bawunqoba ngo 3-2 , ngamagoli ka Oswin Apollis owashaya amabili kanti elesithathu lavalelwa enetheni uThalente Mbatha .

Emasontweni amabili adlule iBafana ibhudluze i-Congo Brazzaville ngamagoli ayisihlanu eqandeni ngamagoli ka Lyle Foster , Iqraam Rayners , Teboho Mokwena owashaya amabili elesihlanu lashaywa u Bathusi Aubass . Kumedlalo esele enaphuzu ayisithupha iBafana idinga amaphuzu amabili kuphela ithole u-10 Points izingenele ku AFCON 2025, ngonyaka odlule iBafana yajabulisa abalandeli kulomqhudelwano we-AFCON iqeda endaweni yesithathu yabuya nendondo yethusi (bronze

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *