OWAMI THABETHE
UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uhlose ukusebenzisana nabaholi bendabuko ukuhlonza izindawo ezikwazi ukumelana nezinhlekelele ezifanele ukuthuthukiswa kokuhlaliswa kwabantu, kusetshenziswa i-geo-mapping.
UNgqongqoshe uMmamoloko Kubayi wenze lesi simemezelo emhlanganweni owawubanjwe namalungu esigungu esiphezulu e-MINMEC abhekelele ukuHlaliswa kwaBantu ezweni lonke.
UKubayi uthe uhlelo lokusebenzisana nabaholi bendabuko luhlose ukwenza abaholi bendabuko bakwazi ukuhlonza imihlaba yabo aphephile ngenhloso yokuhlalisa abantu futhi bagweme izindawo ezihlaselwe yizinhlekelele zezikhukhula ezifundazweni ezisengozini.
Uthe uMnyango uhlose ukuqalisa lolu hlelo ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natali naseLimpopo, nokuvula indlela yokudambisa izinhlekelele kanye nokuhlaliswa kwabantu okusimeme.
“Ngokusebenzisa ubuchwepheshe be-geo-mapping, umnyango uhlose ukwazisa abathatha izinqumo ngemihlaba yabo ukuba baqinisekise ukuba bakhetha izindawo eziphephile , uqinisekise ukuphepha nokuphila kahle kwemiphakathi. Ukuguquguquka kwesimo sezulu kuphezu kwethu, kufanele sizilungiselele kusanesikhathi” kusho uKubayi.
UNgqongqoshe ubize umhlangano noNgqongqoshe, wagxila ezinhlelweni zokuhlaliswa kwabantu zika-2024/2025.
Lokhu kubandakanya ukubeka eqhulwini uHlelo Lokubuyisela Amatayitela, izindlu zezingqalabutho ezempi kanye nezindlu zezimo eziphuthumayo.
UNgqongqoshe uphinde wakugcizelela ukubaluleka kokwakhiwa kwemiphakathi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, wathi ukuhlaliswa kwabantu kufanele kubenze bazizwe bephephile futhi bathole amathuba ezomnotho kanye nezinsiza zomphakathi.
“ Uhulumeni usesebenzise izinsiza zokwakha zomphakathi ezindaweni zasemakhaya okuhlanganisa amahholo omphakathi nezinye izinsiza ukukhuthaza intuthuko emiphakathini,” kuchaza uNgqongqoshe.