Inhlangano iDDP isingathe inkomfa emayelana nokubhekisisa iqhaza  lomasipala ekuthuthukiseni imiphakathi

SHEILA MHLONGO

Iqhaza lokubandakanywa komphakathi mayelana nemisebenzi yomasipala libonakale libalulekile kakhulu ukuze kube nenqubekela phambili ekulethweni kwezidingo zomphakathi. 

Inhlangano ethuthukisa umphakathi mayelana nentando yeningi iDemocracy Development Program isingathe inkomfa emayelana neqhaza lomasipala ekuthuthukiseni imiphakathi. Lenkomfa ibibanjelwe ehhotela eligudle ulwande iMaharani eThekwini ngoLwesithathu lomhlaka 23 Okthoba 2024.

UMpathi Jikelele we DDP uDktl. Paul Kariuki wemukele izihambeli wabe esevula uhlelo  echaza ukuthi inhloso ukuzodingida mayelana neqhaza lomasipala ekuthuthukiseni ukuzibandakanya komphakathi ngentando yeningi kanye nokunikeza izimpendulo ngemisebenzi yawo.

USihlalo wenhlangano iDDP uDktl. Devi Rajab unikeze umyalezo wokukhuthaza umphakathi ngokubaluleka kokuthi uzibandakanye ekutheni wenze abaholi baphendule mayelana nemisebenzi yabo, wathi wonke umuntu uneqhaza okumele alibambe ekwenzeni isiqiniseko sokuthi babike ngezenzo zenkohlakalo bangathuli.

Bonke abantu abayiziphathimandla  kuhulumeni kumele benze umsebenzi wabo ngoba akwamukelekile ukuthi umuntu adembesele ukwenza lokho akuqashelwe.

UNkk. Merusha Vather oyi-Deputy Business Unit Leader ngaphansi kwehhovisi le KZN Auditor General, yena wethule umbiko omayelana nokucacisa ngemiphumela yocwaningo lwamabhuku ezimali, komasipala.

Mayelana nomsebenzi weHhovisi lika Auditor General uMerusaha uchaze wathi,  ukwenza, ucwaningo ngezimali  zikahulumeni, nokuthi  ingabe zisebenze njengoba kufanele yini. Wathi ngokwesigaba 153 (a) soMthethosisekelo sikubeka ngokusobala ukuthi omasipala kumele bahlele baphinde bengamele ukuphatha , ukwabiwa kwezimali, kanye nokuhlela okubeka phambili izidingo zomphakathi ukuze kuthuthukiswe ezomnotho kanye  nenhlalo yawo yomphakathi.

Kungakho kubalulekile ukuthi yonke into ibe sobala phambi komphathi neziphathi mandla zikwazi ukuphendula ngalokho ezisuke zibuzwa ngakho, ziphinde zibike ngezinhlelo zentuthuko yomphathi nokuthi sizosetshenziswa kanjani isabelomali.Lokhu kungenzeka kuphela uma umphakathi unikezwa ulwazi.

UMhlonishwa uSengezo Zibi onguSihlalo weSCOPA ePhalamende ophinde abe umholi we Rise Mzansi naye ukugcizelele ukubaluleka kokubandakanywa komphakathi ezinhlelweni zentuthuko, uphinde unikwe nolwazi olufanele ukuze abaholi baphendule uma bengahambisi kahle.

UZibi ugcizelele ngokuthi oMasipala bayingxenye ebalulekile kakhulu kahulumeni ingakho kumele kuqinisekiswe ukuthi yenza konke ngokohlelo.

Kulenkomfa kube nezikhulumi ezahlukene okubalwa umphathi wohlelo uTamzin Hudson, oyi Project Manager ye Plan Act, Xoliswa Jwili  we Local Government Action and Learnig Networks, uMnu Andile Mafa we Ranyaka Community Trust kanye nezethameli ebezivela ezinhlanganweni ezahlukene zomphakathi (Civic Organisations) izifundiswa kanye nezitshudeni.

Bonke abethule izinkulumo bagcizelele ngazwi linye udaba lokubaluleka koMasipala njengengxenye  kahulumeni nokuthi kubalulekile ukubandakanywa komphakathi uma kufanele kuthathwe izinqumo ngawo. Kanti nezinhlangano zemiphakathi (Civic Organisations) nazo likhulu iqhaza ezingalibamba ukuthi zithole izimpendulo kuhulumeni mayelana nokungahambisi kahle izidingo kubantu.

Umphakathi kumele ubandakanywe uma kwenziwa uhlelo lwe IDP  futhi unikezwe lonke ulwazi mayelana nalokho okusuke kuqukethwe kuyona IDP ukuze ukwazi nokuphawula ngaphambi kokuthi iphothulwe.

Abezinhlangano zemiphakathi (Civic Organisations) bezwakalise ukungenami mayelana neziphathimandla komasipala  kanye nosopolitiki mayelana nokuthi abazimisele ukwenza umsebenzi wabo noma kukhulunywa nabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *