Le-GNU ibukeka ibeka abantu baseNingizimu Afrika engcupheni

Lohulumeni ohlanganise umbuso wamaqembu ehlukene ezepolitiki, phecelezi leGNU, sengathi uzothanda ukubeka abantu baseNingizimu Afrika engcupheni, njengoba kukhona lomdonsiswano esiwubonayo phakathi kweqembu leANC kanye nele DA.

Uma sibheka ngasohlangothini lweDA sibona isithombe esikhombisa ukufuna ukufeza izinhloso zayo, ngokuthi izithathele izinqumo ezingahlangene nhlobo nohulumeni esebenza ngaphansi kwayo weGNU, lokhu okubonisa ukuthi abamushayi mkhuba noMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa okunguye obafake ezikhundleni abakuzo.

Kungekudala kusanda kusuka umsindo mayelana nodaba lweBrics, kanye nalena yobuhlobo phakathi kweNingizimu Afrika kanye neRussia. Lena ke iDA ibukeka ingafuni nakuyizwa njengoba yona ihambisana neUkrain. uMnu John Steenhuizen ususe omkhulu umsindo ekhombisa ukungahambisani nalobuhlobo.

Sisekuyo futhi iDA, kuyimanje ibonakala ingahambisani nemithetho emibili eyasayidwa uMengameli ngesikhathi iANC kuseyiyo yodwa esemandleni, lena okungowe Bela Bill, kanye nomayelana nowe-NHI.lokhu okudale ukuthi uMengameli uRamaphosa agcine ethe kungcono kuke kumiswe ukuqala kokusebenza kwalemithetho.

Ngasohlangothini lwe-ANC, abaholi bayo bawotha ubomvu njengoba bedinwe bethelwa amanzi ngenxa yezinkulumo ze DA  ezibonisa ukungahloniphi izinqumo zikaMengameli we ANC okunguye phela ongusgqoko wale-GNU. Lokhu okwenza isimo sibukeke siba simbi ikakhulukazi ngoba kwayona i-ANC yayivele ihlukene phakathi ngesinqumo sikaMengameli sokumbatha ngubonye neqembu le-DA kwasala ngaphandle amaqembu afana nele EFF kanye nele MK Party. Lokhu abanye ngaphakathi kuANC bakubona njengokudayiswa kombuso unikezwa iDA ngepuleti.

Iqembu le DA libukeka sengathi  lajabula ladela uma iqembu leANC liphucwa amandla ombuso abavoti, labona kahle ukuthi manje ithuba lokuthi lingene kuhulumeni weGNU ukuze lenze umathanda walo, futhi kuyaboakala nje ukuthi alinendaba nezibopho abazenzayo bengamalunga ale GNU.

Konke lokhu kungqubuzana kubukeka kuletha ukudideka kubantu baseNingizimu Afrika njengoba kunomsindo kanye nokushayisana kwezinkulumo phakathi kweANC kanye neDA. Ngaphezu kwalokhu ngisho nabaholi bamanye amaqembu angaphansi kwale-GNU, kuzobanzima ukuthi basebenze kahle ezikhundleni abaqokelwe kuzona ngoba abazi ukuthi lokhu kungqubuzana kwe DA ne ANC kuzophelelaphi.

UMengameli wezwe kanye neqembu leANC kuzomele bahlale phansi babheke ukuthi lenkiyankiya bazoyilungisa kanjani. UMengameli yena kuzomela aqine ngempela ngoba iqembu leDA liyaphazamisa lokhu okwenza ukuthi kube nzima nakuyona iANC ukuthi ikwazi ukwenza umsebenzi wayo  wokuhola isizwe ngoba phela isina ijeqeza.

Sengiphetha sengathi neqembu le-DA kumele likhombise ukwethembeka kubantu baseNingizimu Afrika liyeke lento yalo yokudonsela nganxanye ngenxa yokuthi lifuna ukwanelisa izinhloso zalabo abadla izambane likapondo nokuyibo abaphethe umnotho futhi babonakala besemkhankasweni wokwenza izimpilo zabantu zibe nzima ngenxa yokufaka ingcindezi yezomnotho, njengoba sibona intengo yezimpahla ikakhulukazi ukudla imba eqolo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *