Kuvulwe  ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo I Princess Mkabayi Mall e-Vryheid

Esithombeni: ISilo samaZulu uMisuZulu kaZwelithini uvule ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo ngesikhathi kunomcimbi omangalisayo wokusika iribhoni ngosuku olwandulela ukuvulwa kwayo emphakathini.

OWAMI THABETHE

UMntwana uMkabayi kaJama, owayeyinhloko  yamasosha yabaQulusi futhi eyisikhulu sobukhosi bakwaZulu, uhlonishwe ngenxanxathela yezitolo ebiza izigidi zamarandi eVryheid (Abaqulusi), KwaZulu-Natali.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini ivule ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo iPrincess Mkabayi Mall ngoLwesithathu mhla zingu 30 ku Okthoba 2024 ngemuva kokusinda engozini yemoto ilibangise eVryheid ukulungiselela ukuvulwa kwayo.

Inxanxathela yezitolo yakhiwe lapho inkosazana yayibusa khona ibutho layo.Ngesikhathi kuvulwa lezitolo,usozigidi uRoux Shabangu uthe uzosebenza kanzima ukuthuthukisa umnotho wakuleli aphinde athuthukise nesizwe samaZulu njengoba eseqalile nge Princess Mkabayi Mall.

UShabangu wengeze ngokuthi uyaziqhenya ngobumbano lweziMeya zamanje kanye nabangaphambili ekuphothuleni lo msebenzi. “Kuyivelakancane ukuthi usopolitiki uma ethatha izintambo anqume ukuqhubeka nokuthuthukisa umsebenzi  walowo amandulelayo,” kusho uShabangu.

Inxanxathela yezitolo esezingeni elinganiselwa ku-30,000-square-metre izoba yingxenye yentuthuko enkulu ehlanganisa  ukufaka ipaki yamahhovisi, ihhotela nekhasino, kanye namafulethi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *