ABANEME ABALANDELI BECHIEFS NGONOZINTI OMUSHA

SBU MAMBA

Izinto azihambi kahle neze kubafana bokuthula noxolo iKaizer Chiefs , sekuphele imidlalo emithathu bengawini , bagcina ukuwina ngo October beshaya i Supersport United ngo 4-0 ku Carling Black Label , bashaywe yi Supersport United 1-0 emdlalweni weligi , badlala ngokulingana neMagesi FC 2-2 , bakhishwa kabuhlungu yi Mamelodi Sundowns kuma Semi Finals eCarling Black Label ngo 4-0 kanti ku Log ye Betway Premiership bahleli endaweni yesishiyagalombili banamaphuzu awu 7 kodwa ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bakhala kakhulu ngamaphutha kanozinti omusha uFiacre Ntwari.

Umqeqeshi we Kaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthe uma ethatha izintambo ku Cavin Johnson wenza izinguquko eziningi odongeni lwasemuva ku Chiefs , emapalini ubeke ebhentshini uBvuma wafaka uNtwari wase Rwanda othengwe ku TS Galaxy , kwesokunxele wafaka uBradley Cross othengwe kwi Golden Arrows , wabese ebophela u-Inacio Miguel odabuka ezweni lase Angola no Ruswin Dorley ogijima eqenjini lesizwe iBafana Bafana , zidlala kahle cishe zonke lezinye izinsizwa kodwa umuntu owenza udonga lwasemuva lube buthaka unozinti uNtwari . Lensizwa ibidlala kahle ku TS Galaxy naku Rwanda ngesizini edlule ivimba ngisho amaphenathi nokho kamuva lonozinti usethanda ukuba nyamanambana kwabanye abalandeli bempofana bathi ngeke akakhishwe emapalini kubuyiswe uBvuma noma uPeterson , okucasule kakhulu abalandeli beChiefs amaphutha awenze emdlalweni womkhumulajezi engenelwa amagoli amane, emidlalweni ayisikhombisa usengenelwe amagoli awu 11.

UNabi uxolisile kubalandeli beChiefs ngokushwaywa kabuhlungu iSundowns ngamagoli amane eqandeni , wathi bazowalungisa amaphutha , ubese ethembisa abalandeli be Chiefs ukuthi iqembu lizothenga abagadli abasha uma kuvulwa iwindi ngo Janawari . UNabi ufuna unyazi lomgadli uFiston Kalala Mayele wase Congo ogijima ku Pyramids FC , Feisal Salum odlalela i Azam FC eTanzania no Percy Tau ogijima ku Ahly Ahly iqembu lase Gibhithe, kanti emapalini ufuna uStanley Nwabali wase Nigeria ovimba ku Chippa United .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *