Bazobhekana nengalo yomthetho abokufika abasolwa ngokuqhuba umkhonyovu wokushada ngokungemthetho

OWAMI THABETHE

Abalisa ababili abangabokufika abasolwa ngokuqhuba umkhankaso wokushada ngokungemthetho ngoba befuna ama Visa, sebevele kabili eNkantolo yeMantshi eThekwini, nalapho babekelwa khona ibheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye.

Ngesikhathi beboshwa ngomhlaka 28 Okthoba, okhulumela uMnyango wamaPhoyisa KwaZulu-Natali, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ophiko lwezobunhloli esebenzisana nophiko lweTactical Support Unit, iSydenham Trio Task Team namaphoyisa oMnyango wezaseKhaya. , agasela ehhovisi loMnyango wezaseKhaya eliyimfihlo, elalisetshenziselwa ukushadisa ngokungemthetho kanye nama-visa abashadile emafulethini aku-Matthews Meyiwa Road eThekwini.

Wengeze ngokuthi abasolwa laba babesebenzisa omazisi babesifazane baseNingizimu Afrika, babashadise nabantu bangaphandle abangenazo izincwadi ukuze abesilisa bathole ubuzwe baseNingizimu Afrika.Laba balisa, angeke baphunyuke njengoba amacala anjengalawa engabhekwa nokubhekwa. Ngenyanga eyedlule sabika ngobubha bokukhwabanisa omazisi eNingizimu Afrika osekugcwele eMnyangweni wezaseKhaya, kanti baningi asebevalelwe ngalobugebengu.

Lamadoda amabili okuthiwa akhiqiza ngokungemthetho izincwadi ezikhishwe uMnyango wezaseKhaya kuzwelonke, futhi kuthiwa abesebenza nehhovisi elihlinzeka ngosizo lodokotela bokufika ekubeni bengagunyaziwe ukwenza lokho.

Ngaphezu kwalokho, imibandela yebheyili yabo ihlanganisa ukuthi babike esiteshini samaphoyisa eDurban Central kanye ngesonto bese benikela ngamapasi abo kumphenyi wecala. Icala lihlehliselwe umhlaka-15 Febhuwari ukuze kuqhutshekwe nophenyo.   Amaphoyisa athe uphenyo lwawo lokuqala seluhlonze isikhulu soMnyango wezaseKhaya esisebenzisana nabasolwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *