IMeya yeTheku yamukele uhlelo lwezindlu oluzothuthukisa abahlala emijondolo

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi, uNgqongqoshe waKwaZulu-Natal uSiboniso Duma, kanye neMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba bethule iphrojekthi yokuthuthukisa imijondolo yamaPilgrim X kumaPilgrim eSiphingo.

OWAMI THABETHE

IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, uthakazele  ukwethulwa kohlelo lwePilgrim X Housing Project nguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uMmamoloko Kubayi, kanye noNgqongqoshe waKwaZulu-Natali, uSiboniso Duma, eSiphingo  mhlaka 31 kuOkthoba.

Le phrojekthi izothuthukisa iPilgrim X Informal Settlement, ilethe izindlu ezingu-404 ezifakelwe amanzi alinganiselwe, ugesi, ukukhucululwa kwendle, kanye nezinsiza ezibalulekile zenhlalo ezifana namapaki, izikhungo zokukhulisa izingane zisencane, nezindawo zokukhulekela.

“Siyajabula ukuthi lo msebenzi usuyaqhubeka, njengoba kulindeleke ukuthi ukwakhiwa kuqale esontweni lesibili likaJanuwari 2025. Usuku okulindeleke ukuthi luphothulwe ngoNovemba 2028. Okunye okubalulekile ukuqaphela ukuthi, lokhu kuthuthukiswa kubekwe endaweni ekahle eduze kwamathuba omnotho, izikole, izikhungo zezempilo, nezinye izinsiza zomphakathi ezibalulekile, ukubhekana nokungalingani kwezindawo okwadala umonakalo wobandlululo,” kusho iMeya uXaba.

UNgqongqoshe Kubayi uthe lo msebenzi uxhaswe yi-Informal Settlements Upgrading Partnership Grant (ISUPG) kanye neHuman Settlements Development Grant (HSDG), umzamo wokusebenzisana phakathi kweminyango kazwelonke neyesifundazwe yezokuHlaliswa kwaBantu kanye noMasipala weTheku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *